NGENKATHI ngiqala ukubhala kule ngosi, ngakuveza ukuthi ngiwumuntu okhonze kakhulu umsakazo, kangangokuthi uma sengiwulalela, ngiyaye ngingakhethi futhi ngingagxili emsakazweni owodwa, ngilalela nje noma yimuphi umsakazo.
Ngenxa yokuthi angihlosile ukugxibha umsakazi noma umsakazo othile, angizukugagula gama lamuntu, futhi angizukuphuma iqhubu nomsakazo othile kulokhu, engithemba nengicabanga ukuthi akuzukulifihla iphuzu engizama ukuliveza.
Ukulalela kwami imisakazo eyahlukene, sekwenze ngaqaphela umkhuba omubi engibona wenziwa ngabasakazi abaningi, futhi ingxenye yabo ethenjwayo nethandwayo, wokuthi bangenzi ubulungiswa uma bexoxa nezihambeli ezahlukene emoyeni.
Ngesonto elidlule nje, kuthe ngilalele omunye wemisakazo othenjwayo nothandwayo eThekwini, ngaphatheka kabi ngizwa abasakazi bohlelo oluthile, behluleka bencama ukubuza imibuzo ehlabahlosile kumrepha u-K.O, abebemumemele ukuba azokhuluma ngengoma yakhe entsha ethi King Size, ayishaya no-AKA.
Ngenxa yokuthi u-AKA akasekho emhlabeni, futhi kuyaziwa ukuthi wayeyiciko elihlonishwayo nelalithandwa kangakanani emhlabeni wonke, bengilindele ukuthi abasakazi bazobuza u-K.O imibizo ehlabahlosile, njengokuthi mhlawumbe kwakunjani ukusebenza noSupa Mega ngezinsuku zakhe zokugcina, benze kube lula kuSkanda King ukusidwebela isithombe esicacile sokuthi u-AKA ubewumuntu onjani uma kuqoshwa ingoma.
Nginengeke kabi beze beyiphetha ingxoxo yabo bengabuzanga mbuzo ozokwenza ukuthi u-K.O azise umlaleli ukuthi wubani ophrojuse le ngoma, nokuthi mhlawumbe kube lula kangakanani ukwenza umndeni ka-AKA uvume ukuthi ingoma ikhishwe indodana yabo ingasekho emhlabeni, nokuthi kukhona yini okuzoya emndenini wakhe ngenzuzo azoyenza ngayo, njengoba esekhiphe ne-video?
Yizinto ezinjengalezi abasakazi abaningi abangazinaki uma bexoxa nesihambeli, ekubeni zibe zibalulekile futhi zisuke zizosiza ukwazisa umlaleli ngezinto obekungenzeka agcine engazazanga. Manje abasakazi abaningi bavele bajahe ukubuza ukuthi ‘hheyi manje usiphatheleni kule ngoma’? Ize iphele ingxoxo, umlaleli engazuzanga lutho oluhlabahlosile.
Lokhu akwenzeki ezingxoxweni zabasakazi namaciko kuphela, kepha kuwumkhuba nje asebevame ukukopelana ukuwenza ezihambelini zemikhakha ehlukene, okwenza thina esisuke silalele futhi simagange, sisale singazuzanga lutho nhlobo!
Amaphutha anjengaleli ashayisa ngamahloni, futhi angenza ukuthi umlaleli ohlakaniphile acobeke, mhlawumbe aze agcine engasamlaleli umsakazi oshaya into ephansi ngalolu hlobo. Ngifisa ukuthi abasakazi nabethuli bezinhlelo zezindaba, okuba nezihambeli ezinhlelweni zabo, bayilungise ngokushesha le nto.
Ophrojusa bezinhlelo nabo kumele baqikelele ukubheka ukuthi abasakazi babuza imibuzo efanele yini esihambelini, benze isiqiniseko sokuthi ayiphele ingxoxo umlaleli engazuzanga lutho.