Kuvuke inhlawulo ebilengisiwe kwiKaizer Chiefs elahlwe yicala lokungaziphathi kahle kwabalandeli bayo enkundleni.
Ikomiti eliqondisa izigwegwe lePremier Soccer League (PSL) liphinde langena lashona ephaketheni leChiefs kulandela ukungaziphathi kahle kwabalandeli bayo ngesikhathi ixetshulwa yiMamelodi Sundowns ngo 4-0 emdlalweni we-quarterfinal yeCarling Knockout ekuqaleni kwenyanga. Amakhosi ahlawuliswe u-R200 000, kwalengiswa u-R100 000 ngombandela wokuthi angatholakali ecaleni elifanayo ezinyangeni ezingu-12 ezizayo. Ngenxa yokuthi leli qembu belisanda kulahlwa yicala lokuziphatha budlabha kwabalandeli balo emasontweni adlule, lahlawuliswa u-R100 000 kwalengiswa u-R50 000, liyalelwe ukuthi liyikhokhe inhlawulo ebilengisiwe. Lokhu kusho ukuthi iChiefs izohlukana no-R150 000. Icala lokuqala lenzeke ngesikhathi iChiefs ishaywa yiMamelodi Sundowns ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoSepthemba. Zombili izigameko zenzeke eFNB Stadium.
Umshushisi wePSL, uZola Majavu, uthe:“IChiefs ilivumile icala. Emuva kokulalela izethulo mayelana nesigwebo esiyifanele, iChiefs izohlawuliswa u-R200 000, ilengiselwe uhhafu izinyanga ezingu-12 ngombandela wokuthi ingatholakali ecaleni elifanayo. IChiefs izokhokha u-R150 000 nezinhleko zokuhlala kwecala, ezizokwengezwa kuwona u-R150 000.”
NgoMgqibelo, iChiefs izodlala emqhudelwaneni iHome of The Legends Cup okuzodlala kuwona iChippa United, Lamontville Golden Arrows neMamelodi Sundowns eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.