IKAIZER Chiefs kubukeka isisithathile isinqumo esiwujuqu ngekusasa lika-Itumeleng Khune kulandela ukuputshuka kwezindaba zokuthi isiyayinise unozinti weTS Galaxy, uFiacre Ntwari (24) waseRwanda.
UKhune usale eMzansi ngesikhathi iChiefs iphikelele eTurkey lapho izicijela khona ukuqala kwesizini entsha ngaphansi kweso elibukhali lomqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi nethimba lakhe.
Onozinti baMakhosi abasekhempini nguBruce Bvuma, Brandon Peterson noBontle Molefe ongakaze avimbe selokhu anyuselwa esikimini esikhulu esuka kweseDStv Diski Challenge nyakenye. Ukusala kukaKhune kukucacisa ngokusobala ukuthi akasabalwa konozinti abazodlalela iChiefs ngesizini entsha phezu kokuba yena esekusho kaningi ukuthi usafuna ukudlala.
Emasontweni adlule, kuvele ukuthi izikhulu zeChiefs zihlukene phakathi ngendaba kaKhune kwazise kukhona ebezifuna anikezwe elinye ithuba lokuvimba. Kuthiwa ezinye bezifuna iqembu liqhubeke nempilo ngaphandle kwakhe lo nozinti odlalele iChiefs iminyaka engaphezu kuka-20. Ukusayina kukaNtwari kwiChiefs kubukeka kuwukuvalwa kwesahluko sikaKhune eNaturena.
Nakuba iChiefs ingakamethuli ngokusemthethweni uNtwari kodwa usihlalo weGalaxy, uTim Sukazi, ucashunwe ekuqinisekisa ukuthi lo nozinti ambona evimbele izwe lakhe nyakenye, usemdayisele Amakhosi. Kuvele ukuthi uNtwari uzojoyina iChiefs eTurkey kuleli sonto kulandela ukufaka isicelo semvume ngoLwesihlanu olwedlule.
“IChiefs ibimfuna kakhulu umdlali (Fiacre Ntwari) futhi ikucacisile lokho. Akukhona ukuthi besingamfuni umdlali kodwa yindlela esiqhuba ngayo ibhizinisi lethu,” kusho uSukazi kwi-SABC Sport.
UNtwari, owajoyina iGalaxy nyakenye esuka kwi-AS Kigali yangakubo, udlale imidlalo engu-18 yeDStv Premiership ngesizini edlule. Ungenelwe amagoli angu-15. Lolu nkonko luvimbele iRwanda emidlalweni engu-11.
UNtwari ngumdlali wesithathu odayiswe yiGalaxy kusukela kusongwe isizini ka-2023/2024. Ifake endalini umgadli uLehlohonolo Mojela othengwe yiStellenbosch nokaputeni uPogiso Sanoka osesayine kwiSuperSport United. Ukudayisa abadlali abamqoka kweGalaxy, sekuphenduke umkhuba wakhona njalo ekupheleni kwesizini.Ekupheleni kwesizini ka-2022/2023 yadayisela i-Orlando Pirates neChiefs unozinti uMelusi Buthelezi nesitobha uGiven Msimango ngokwehlukana. I-The Rockets yathola itshe lemali kwiMamelodi Sundowns ngomdlali waseswini, uBathusi Aubaas.
“Sesake sakwenza lokhu. Sizothatha imali siyitshale khona eqenjini futhi. Ngiyakholwa wukuthi ebholeni laseNingizimu Afrika ukuba neKaizer Chiefs eqinile, esezingeni eliphezulu...(kumqoka) futhi uNtwari uwulolo hlobo lukanozinti ozofaka isandla kulokhu okwenziwayo. Asikwazi ukuba neChiefs entekenteke noma ngabe lokho uyakuthanda noma cha,” kusho uSukazi.
UNtwari ungumdlali wesibili osayine kwiChiefs selokhu kufike uNabi. Ngesonto eledlule kuvele ukuthi isayinise umdlali wasemuva, uBongani Sam, obebolekiswe yiPirates kwiMoroka Swallows ngesizini edlule.