ULINDE iqembu elizokhuluma naye uTendai Ndoro osematheni kulezi zinsuku, kwazise uyena okusuke ngaye ingxabano phakathi kwe-Ajax Cape Town nePSL asebefakene ezinkantolo. Ngenxa yalo mdlali kunokungabaza nangokuthi isizini izoqala yini ngempelasonto ka-Agasit 4 njengoba iPSL isho.
UPotshoza uthole ukuthi uGary Cassisa ophethe izindaba zalo mdlali waseZimbabwe ulinde ukuba likhulume iqembu elimfunayo hhayi le nto ekhulunyelwa ngaphansi kwetafula yokuthi uya kwiChiefs noma kwiSuperSport.
Iqhawe lakho lihoshe ukuthi iChiefs ibilinde ukuqasha umqeqeshi kuqala bese kuba yima imnika ithuba lokuthi asho ukuthi uyamdinga noma cha. IChiefs igcine imqashile uGiovanni Solinas wase-Italy kodwa uCassisa uthe akukho osekushiwo yiChiefs. NakwiSuperSport kulindwe okufanayo ngomqeqeshi omusha.
“Nathi sizwa ezindabeni ukuthi uya kwiChiefs kodwa asikwazi lokho thina esimelwe ukumtholela iqembu elisha. Uma into enjalo ikhona yimina engizokwazi kuqala kodwa okwamanje akukakabikho lutho. Akhona amaqembu amathathu esikhuluma nawo kodwa alikho kuwona engingathi lihamba phambili ngoba alikho eselibeke okuthile phezu kwetafula,” usho kanje uCassisa.
Ngenhlanhla akujahekile ukuthi asayine lo mdlali ngoba alikho iqembu akulona ngakho-ke ukuvalwa kwewindi akumthinti uma kukhona abafuna ukumsayinisa ekugcineni. Lo mgadli waseZimbabwe usematheni kulezi zinsuku kulandela ukudlalela kwakhe amaqembu amathathu ngesizini eyodwa okuyicala elibomvu ngokwemithetho yeFifa.
Uqale kwiPirates ngaphambi kokuthi aye kwi-Al-Faisaly. Akahlalanga lapho ngenxa yezinkinga (aseke wazichazela uPotshoza njengokungaholi abuye atshelwe ukuthi akenze akubonayo ngoba imali ayikho) wajoyina i-Ajax.
Ngokusho kwabaphathi bezindaba zakhe akananxa ne-Ajax yize eshiye khona isigubhukane. Kuthiwa bavumelene naleli qembu ukuthi isimo asisihle ngenxa yaleli cala, yingakho bebone kungcono ukuthi bahlukanise.
“Noma iliphi iqembu elizomthola ngeke lihlupheke ngoba ufithi ngokwanele. Uziqeqesha yedwa nsuku zonke futhi sonke-ke siyazi ukuthi uNdoro uyalazi ipali lapho ligxunyekwe ngakhona,” kusho umphathi wakhe.