SEYILIPHONSILE ithawula inhloko yonompempe, u-Abdul Ebrahim, ngokuqala kokusetshenziswa kwe-Video Assistant Referee (VAR) kwisizini ephezulu.
Siya ngokululeka isikhathi abathandi bebhola baseNingizimu Afrika befuna kusetshenziswe i-VAR ngenxa yamaphutha onompempe.
Indaba esegudwini kulezi zinsuku ngekanompempe, uSikhumbuzo Gasa, obesizana noKhamusi Razwimisani noKamohelo Ramutsindela emdlalweni weKaizer Chiefs edliwe yiMamelodi Sundowns ngo 2-1.
IChiefs ilishaye kuqala igoli ngonyawo lukaRanga Chivaviro.
AweSundowns eze noLucas Ribeiro no-Iqraam Rayners.
Nokho sibe sikhulu isililo ngelika-Iqraam. Kukhalwe ngokuthi ngesikhathi lakhiwa uRibeiro ubesendaweni engafanele.
Kuphindwe kwakhalwa ngaleli thimba ngokuphika igoli lika-Edson Castillo obekuzoba ngelokulinganisa leChiefs.
Kubuye kwakhalwa nangoMasixole Bambiso obeshaya impempe kowe-Orlando Pirates eshaye iRichards Bay ngo 1-0.
Ubebambisene noSimukele Jali noJimmy Kgaphola. Usolwe ngokunganiki isitobha sePirates, uThabiso Sesane, ikhadi elibomvu ngokudlalisa kabi uJustice Figuareido weBay obesemathubeni okushaya igoli emizuzwini yokuqala.
Ugcine ngokumnika eliphuzi.
Ngaphambi kokuqala kwesizini u-Ebrahim oyinhloko yonondweba kwiSafa, wayetshele Isolezwe ukuthi ngeke bakwazi ukusebenzisa i-VAR emidlalweni yeligi kwisizini ephezulu.
Nokho waveza ukuthi bazama ukuthi isetshenziswe kweyamanqamu yezinkomishi. NgoMgqibelo kuzodlalwa owokuqala wamanqamu weMTN8 lapho kuzobe kutholene phezulu i-Orlando Pirates neStellenbosch FC, eMoses Mabhida Stadium ngo-6 ntambama.
Ethintwa u-Ebrahim kuleli sonto, ukuzwa ukuthi zikhona yini izinhlelo noma amathuba okuthi ibekhona i-VAR kulo mdlalo, uthe kube ngaphezu kwamandla abo, ngeke besakwazi ukuyisebenzisa.
"Sibulawe ukuhamba ngonyawo lonwabu kwezifundo ze-VAR. Besethemba ukuthi sizobe sesinaso isibalo esanele sonondweba abanezitifiketi ze-VAR. Udaba lwayo lusabhungwa. Empeleni ngeke sisakwazi ukuyisebenzisa kule sizini," kubeka u-Ebrahim.
Ezinyangeni ezedlule uDanny Jordaan ongumengameli weSafa wacashunwa ethi indaba y-eVAR basayibhunga nePSL neMultiChoice okuyinkampani engabasakazi.
"Ngaphandle kokuvumelana nalezi zinkampani, iSafa isabhekene nomqansa wokuhlanganisa imali nesibalo sonompempe ukuze i-VAR isebenze," wacashunwa esho kanje uJordaan.
U-Ebrahim uthe ngeke akwazi ukuphawula ngokusolwa konompempe babo emidlalweni yakamuva ngoba imibiko yayo bebengakayifundi.
Owayengunompempe, uVictor Hlungwani, ucashunwe ohlelweni lwezemidlalo, iSoccerzone, kwiSABC 1, encoma uGasa nethimba lakhe ngokuthatha izinqumo eziphusile.
U-Ebrahim uqinisekise abathandi bebhola ngokuthi owamanqamu eMTN8 uzodlaliswa unompempe onamava.