AKAJAHILE ukuqasha omunye umqeqeshi usihlalo weRichards Bay FC, uSifiso “Jomo” Biyela, esanda kwehlukana noVusumuzi Vilakazi.
Kumangale iningi ekuqaleni kwesonto ngesikhathi kuvela ukuthi seligqabukile igoda phakathi kweBay noVilakazi oyisize yavika izembe kwiBetway Premiership ngesizini edlule futhi wagixatshezwa ngenkontileka entsha.
Konke bekubukeka kuhamba kahle kwiBay mayelana namalungiselelo esizini entsha kulandela ukumenyezelwa kwabaxhasi abasha.
Kubaqeqeshi abangenawo amaqembu, iBay okungenzeka ikhethe kubona kukhona uBrandon Truter owake waliqeqesha leli qembu noDylan Kerr osanda kulaxaza umsebenzi kwiMarumo Gallants ngoba engafuni ukuphatha isikhundla nomunye umqeqeshi.
Uma igcina ibuyisa uTruter, kuzoba ngokwesibili ebuyela kuleli qembu kwazise waliqeqesha lisadlala kwiMotsepe Foundation Championship kumasizini adlule.
UTruter waxoshwa yiBay phakathi nesizini, wayoqeqesha iMoroka Swallows, wayinyusela kwiPremiership. KwiBetway Premiership ugcine ukuqeqesha kwiSekhukhune United emkhombe indlela maphakathi nesizini edlule. Uqede isizini edlule eseqeqesha i-Upington City kwiChampionship.
UBiyela uthe nakuba zingena zilakanyana izicelo zomsebenzi ezivela kubaqeqeshi abahlukene kodwa ngeke baxhamazele ukuqasha omunye umqeqeshi.
“Ngeke abaqeqeshi bengazifaki izicelo zomsebenzi emuva kokuvela kwezindaba zomqeqeshi eqenjini. Kodwa asikakulungeli ukuqasha omunye. Asijahile ukwenza lokho. Sizothatha isikhathi. Mhlawumbe sizomemezela ngoMsombuluko,” kusho uBiyela.
Nakuba uBiyela ethi abajahile ukuqasha umqeqeshi omusha kodwa izolo lishone sekusabalele ukuthi uTruter ozovala isikhala sikaVilakazi kwiBay futhi uzoqala umsebenzi ngokushesha.
IBay idlale okokuqala phambi kwabalandeli emasontweni amabili adlule kwiKZN Premier’s Cup Olundi kodwa yawashishwa ijezi ekuseni yiMaritzburg United. Indebe igcine igoduke neRoyal AM. INatal Rich Boyz izovula isizini entsha yePremiership ngokubhekana neTS Galaxy eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoSepthemba 15.