Mamelodi Sundowns (2) 4
Marumo Gallants (0) 1
IMAMELODI Sundowns kubukeka isiqalile ukukhombisa izimpawu zokuthi isazoqhubeka nokuba yiqembu elithwalisa kanzima izimbangi zayo nakule sizini, inenebula iMarumo Gallants emdlalweni we-Betway Premiership, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoLwesibili kusihlwa.
Amagoli enqobe ngawo avalelwe phakathi nguTashreeq Matthews, u-Iqraam Rayners ngesiwombe sokuqala, elesithathu lashaywa nguRibeiro Costa, elesine leza noSiphelele Mkhulise ngesiwombe sesibili. Kwathi eleGallants lokubika ekhaya lavalelwa phakathi nguGabadinho Mhango.
ISundowns engompetha abavikela isicoco sePremiership esisinqobe amasizini ayisikhombisa elandelana, isheshe yacacisa ukuthi izele ukuzosebenza ngenkathi uMatthews ebhakuzisa inethi ngomzuzu wesishiyagalolunye.
Nangemuva kokuthola kwayo igoli, iSundowns iqhubekile nokucindezela, nokuthe ngomzuzu ka-34, uRayners wavalela phakathi elesibili ngemuva kwebhola ebeliqhamuke noMatthews.
Noma sekubuywa ekhefini labo mpetha baqhubekile nokuhlasela nokuholele ekutheni uRibeiro ashaye igoli lesithathu, eqedela ibhola ebeliqhamuka noMatthews.
UMkhulise ongene ngesiwombe sesibili, naye emizuzwini emibalwa engenile, wenze isiqiniseko sokubhala igama lakhe ohlwini lwabashayi magoli evalela phakathi igoli lesine ngomzuzu ka-71.
Leli goli lesine libubeke obala ubuthaka bodonga lwasemuva lweGallants, ikakhulukazi unozinti wayo uNicholas Mlambo obengene ngesiwombe sesibili endaweni kaDaniel Akpeyi, obambe wadedela ibhola, lahlangana noMkhulise labhajwa ezintanjeni.
Nakuba unozinti weSundowns, uRonwen Williams evimbe iphenathi kaMhango ngomzuzu ka-87, lo mgadli usheshe wasikhokha isikweletu sakhe kungakapholi maseko, eshayela ezakhe igoli lokubika.
Ukunqoba ngamagoli amaningi ngale ndlela kwamaSandawana abesenqoba umdlalo wesibili kule sizini yePremiership, kufanele wukuthi kuthumela umlayezo oshubile ezimbangini zayo iKaizer Chiefs azodudulana nazo emdlalweni obhekwe ngabomvu yininingi labathandi bebhola baseMzansi, ozoba seFNB Stadium eGoli, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Ngakolunye uhlangothi, kuqonga ingcindezi kumqeqeshi weBahlabane Ba Ntwa, uDan Malesela, ezakhe ebesizashaywa okwesithathu emidlalwelweni emithathu esadlaliwe.