KUKHUTHAZWE eyokubambisana phakathi kwamaphoyisa namalungu omphakathi, kungcwatshwa abayisithupha kwayisikhonbisa omndeni owodwa eHlokozi, ahlaselwe aqothwa ngesihluku ehlezi ndawonye ngesonto eledlule.
Kulo mngcwabo obungoMgqibelo khona eHlokozi, bekugqame umunyu nosizi kubantu abebewuhambele. Bebephume ngobuningi ukuzovalelisa okokugcina kwabomndeni wakwaKhambule; okungoNkk Bahlakaniphile Khambule (64), uNksz Nompilo Khambule (34), uNksz Philile Khambule (39), uSiphosethu (10), uYonelisa (10) noZemvelo (5).
Ilungu lesikhombisa nalo elidlule emhlabeni kulesi sigameko uMnuz S’khulu Khambule lingcwatshwe ngoLwesine, eMzumbe.
Ekhuluma nabebethamele umngcwabo, obambe njengoNdunankulu KwaZulu-Natal, uNkk Thembeni kaMadlopha Mthethwa, unxuse umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi izigilamkhuba ziyavalelwa.
“Kumele senze konke okusemandleni emizamweni yethu yokuthola ababulali. Laba abenze lobu bugebengu obunyantisayo badinga ukujeziswa kanzima ezobulungiswa kuleli. Kumele senze isifundazwe kube yindawo ephephile ukuhlala kuyo ngakho sikhathazekile ukubona izigameko zobugebengu ezifuze lobu ziya zikhula futhi,” usho kanje.
Kuqhubeka lo mngcwabo, bezikhona izinkulumo ezikhomba ngenjombane amaphoyisa aseHlokozi ngokuzithela ngabandayo emacaleni enzeka endaweni.
UNkk kaMadlopha Mthethwa uthe undunankulu uphakamise ukuthi kuzokwenziwa imbizo ezoqwashisa ngobugebengu kule ndawo, waphakamisa ukuthi kubunjwe ithimba eliyisipesheli elizobhekana ngqo nokuphenywa kokubulawa kwalawa malungu omndeni.
IMeya kuMasipala i-Harry Gwala, uMnuz Zamo Nxumalo, nayo ebeyingxenye yabebehambele lo mngcwabo, ikhale ngokwanda kokuzondana kwabantu okuyimbangela yokubulalana.
“Indaba yokuphathwa kwezibhamu, kumele ibhekisiswe ngoba azisasetshenziselwa ukuzivikela kepha ukubulala abanye abantu. Ngalesi sigameko akumele sizibambele umthetho ngesandla. Kuyashaqisa ngoba ipulazi nepulazi elikhona kule ndawo ngeke umthole umlungu ongenaso isibhamu kodwa ngeke uzwe kuthiwa badubulane bodwa,” usho kanje.
Laba bomndeni kuthiwa babezihlalele endlini yokuphumula bezibukela ithelevishini ebusuku, ngesikhathi bengenelwa abasolwa abangaziwa babaqotha bonke.
Lesi sigameko sithinte abaningi njengoba uNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Senzo Mchunu noKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, behambele lo mndeni ukuyobhonga emswaneni nokuqinisekisa ukuzibophezela kwamaphoyisa ekuboshweni kwabasolwa.