KUBUKEKA kuntwela ezansi kumlingisi wodumo kwiSibaya neGaz’lam, uGcina Mkhize njengoba ozakwabo beyisukumele phezulu inkinga yakhe emuva kokuvela ezinkundleni zokuxhumana ecela usizo. Emuva kokuba uGcina ephumele obala ngokudlelwa umuzi nokuthi ubengasakwazi ukuwukhokhela ngenxa yokuthi abasamqashi abadidiyeli bemidlalo, ozakwabo baqhamuke zinkalo zonke nosizo.
Uze wasungula isikhwama sokuqongelela isamba sikaR1 500 000 ngenhloso yokusindisa umuzi wakhe. Leso sikhwama sikwi-website iBackaBudy. Ebuzwa uGcina ukuthi kuhamba kanjani manje, ubonge kakhulu njengoba esekwazile ukuqongelela imali engaphezu kukaR20 000. “Ngibonga kakhulu kwabanikelayo kwiBackaBuddy Campaign nabakhokhe kwi-bank account yami.” Uthe abanye banikele ngezinto ezihlukahlukene ngisho nangokudla imbala.
“Le minikelo yenze omkhulu umehluko empilweni yami nasezinganeni zami. Siyabonga kakhulu ngesihe senu.” Kubantu asabakhumbula ababe esandla ubale u-Eugene Mthethwa weTrompies, uzakwabo uNomzamo Mbatha, uCeleste Ntuli, uPuleng Nomvula Ndlovu, uKhanyi Tshabalala, uBongani Gumede, Asavela Mngqithi, uRetha M, Angie Sekgobane, uMuzi Mthabela, uKhanyo Maphumulo, uNomonde Mbusi nabanye. Uthe nomakhelwane bakhe akhulele kubo eProtea Glen ngabanye babantu abaphose itshe esivivaneni. Yize kunjalo kodwa uGcina udalule ukuthi useke wazanywa ukuqolwa ngomunye umuntu obezibiza ngozakwabo kaDuma Ndlovu kodwa washeshe washaya amakhala. Uthe usazoqhubeka nokuwulwela umuzi wakhe futhi kunezikhulu ezingosopolitiki esezingenelele ukuze kube nesixazululo kulolu daba.
"Ngiyanxusa abafuna ukuphonsa itshe esivivaneni ukuba banikele kule-link: https://www.backabuddy.co.za/campaign/help-save-gcinas-home."
Okusukumise abantu abaningi ukubona ama-video lapho lo mlingisi exabana nosethenge lo muzi uMnuz Tevin Mashila.
Lo mlingisi uthi okumenza anqwahe ukuphuma kulo muzi wukuthi usafaka amadlozi kuwo futhi uMashila akamkhombisi incwadi yasenkantolo emgunyaza ukuba amkhiphe.
UMashila ucashunwe ethi okumenza angene ngodli kulo muzi ukuthi usawuthenga njengoba eqale wawukhokhela u-R700 000 ngo-Okthoba 3 nyakenye ngaphambi kokuwuqedela ngoJanuwari kulo nyaka. Uthe wanikeza uGcina ithuba lokuba okungcono akawurentele ngo-R12 000 ngenyanga kodwa wehluleka.
Njengamanje uGcina uthe udinga umuntu ozomtakula ngokuthi abuyisele emuva imali kaMashila ngoba akakwazi ukuphuma kulo muzi asempintshene kuwo ekamelweni lokulala eselidiliziwe nezingane ezine, okukhona kuzo nezabafana.