UYABALISA owesilisa waseHarding ngokunyamalala kwengoduso yakhe ebese kusele inyanga ngaphambi kokuthi ziwushaye.
UMnuz Msawenkosi Mpofana uthi kuduma ikhanda kuyena njengoba kulahleke uNksz Nokuthokoza Biyela (27). Akathandanga ukudalula ukuthi beluzoba nini usuku lomshado kodwa uthe bese luseduze.
Lo wesifazane ongowaseMlaza kuvela ukuthi uduke ngeledlule kade ephume ewumuntu oya ezitolo KwaMnyandu.
UMpofana uveze ukuthi ingoduso yakhe inyamalala nje bebesezinhlelweni zomshado njengoba esemlobole waqeda.
Uthi ayikho ingxabano abake baba nayo angasola ukuthi yiyona eholele ekutheni aze anyamalale.
Uthi into abake bayibanga nje nengoduso yakhe wudaba lwamaringi njengoba ike yashintsha umqondo yakhomba amanye amaringi yena abekholwa ukuthi ayashaya ephaketheni.
"Nalapho futhi ngamtshela ukuthi angeke ngisakwazi ukuthi ngingahlanganisa leyo mali yalawo maringi,'' usho kanje.
Akathandanga ukuveza ukuthi ibingakanani intengo yawo womabili.
Ubebalisa ngokuthi okumkhathazayo kakhulu ukuthi umuntu ozoba umsolwa uyena ngoba uyena osondelene kakhulu naye.
"Ngiyakhuleka sengathi uNkulunkulu angayizwa imikhuleko yami atholakale,'' usho kanje.
Uveze ukuthi ingoduso yakhe ike yaphakamisa ukuthi okungcono awuhlehliswe umshado uma kuya ngokuthi lawa maringi awatholakali.
Udalule nokuthi okwamanje akasebenzi njengoba esanda kumiswa emsebenzini. Uthe ingoduso yakhe yona iziphilisa ngokudayisa izingubo zokugqoka ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe uyethemba ukuthi ingoduso yakhe izobuya iphila. Uthe abekho abantu ake axabana nabo mhlawumbe angase asole ukuthi bangacabangela yena nengoduso okubi.
Udadewabo kaNksz Biyela ongathandanga ukuba kudalulwe igama lakhe uthe bakhathazekile kakhulu ngokuduka kwakhe.
Uthe bazame kaningi ukumshayela ucingo kodwa lutho akatholakali.
"Siqale ukumshayela ucingo ngosuku anyamalale ngalo sibona engabuyi. Belukhala ucingo lwakhe kodwa engalubambi,'' echaza.
Uthi ngokuhamba kwesikhathi lugcine lungasangeni nje nhlobo. "Kuthe sibona ukuthi sekuphela izinsuku ezine enyamalele sabe sesithatha isinqumo sokuthi sivula icala emaphoyiseni,'' usho kanje.
Uthe udadewabo akakaze anyamalale ngaphambilini futhi ungumuntu okungelula ukuba angamane anyamalale nje engawazisanga umndeni. Wathi yingakho bekhathazekile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMlaza asevule idokodo mayelana nokulahleka kowesifazane oneminyaka elinganiselwa kwengu-27.
Uthe amaphoyisa aseBhekithemba anxusa noma ngubani okungenzeka abe nolwazi ngalo wesifazane ukuba ashayele kule nombolo : 031 325 6751.