Orlando Pirates (0) 3
Polokwane City (0) 0
ISIKIMU umqeqeqshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, aqale ngaso umdlalo we-Betway Premiership nePolokwane City, sikhombise izimpawu zokungaliboni njengeqatha elingamuma emphinjeni leli qembu laseLimpopo aliguqise ngo 3-0 ngoLwesibili e-Orlando Stadium, eSoweto.
Kulindwe kwaze kwaba umzuzu ka-55 ukuba inkundla ivulwe uMonnapule Saleng, ngegoli lokuqala ngaphambi kwamabili, ka-Evidence Makgopa, awashaye ngasekugcineni esanda kungena.
Ngaphambi kokuqala komdlalo, uRiveiro ungene ezintangeni ngokuqala kwakhe umdlalo ngaphandle komdlali wasesiswini omakayo obekuyizinkomba zokungayesabi kangako iPolokwane.
IPirates iqale lo mdlalo ngoThalente Mbatha, Kabelo Dlamini noPatrick Maswanganyi, maphakathi nenkundla.
Ngokujwayelekile laba badlali noma ababili babo, baboshelwa noyedwa phakathi kukaMakhehleni Makhaula noma uMiguel Timm.
“Uma uzoqaphela, vele asijwayele ukuqala ngomdlali wasesiwini omayo kodwa esikwenzayo ukuhlola isimo sesitha bese sinquma ngesikimu kusukela lapho,” kusho uRiveiro kwiSuperSport.
“Esikwenzayo ukubheka abadlali esinabo ukuthi ibuphi ubungozi abangaba ibona ezitheni. Sibheke ukuqala ngomfutho okuyinto ezosisiza ukuthi sikwenze ngokukhululeka konke esikuhlelile,” kulandisa uRiveiro.
Kucace zisuka ukuthi iPirates izele ukuzohlasela ngesikhathi esifanayo iPolokwane bekusobala ukuthi izovala emuva.
Ngokuhamba komdlalo, kugcine kucaca ukuthi iPolokwane iyakhula ngokuzethemba obekulokhu kuyisikhumbuzo kwabe Pirates ukuthi ungabalahlekela noma nini (umdlalo) kwaze kwaba ikhefu.
Kuthathe imizuzu eyishumi zibuye ekhefini ukuthi uSaleng abeke iPirates ebuhleni ngegoli eliphefumulise iqembu lasekhaya kangcono.
Kudlule imizuzu embalwa uSaleng eshaye igoli wakhishwa kwafakwa uKarim Kimvuidi endaweni yakhe kulandela ukulimala ngesikhathi kujatshulelwa igoli.
Ngokubona ukuthi uDlamini usenekhadi eliphuzi futhi iPirates isihamba phambili, uRiveiro ugcine emfakile uMakhaula sekusele imizuzu engaphansi kwengu-20 ukuba umdlalo uphele.
UMakgopa oqede ukutabalasa kwePolokwane ngomzuzu ka-85 noka-90 ngamagoli, ungenele uTsegofatso Mabasa, kwathi, uNkosinathi Sibisi wathatha indawo ka-Olisah Ndah, obebukeka engathi uthintekile.