AKAYICHITHI ngokuphelele eyokwamukela ithuba lokuqeqesha iBafana Bafana umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, osezakhele ugazi kubalandeli bebhola baseMzansi.
URiveiro (49) waseSpain osephenduke inkosi yezinkomishi kusukela efikile kuleli, uphinde wengeza esinye isicoco kodwa kulokhu ngeqembu lekhethelo ebelivotelwe ngabalandeli ebelaziwa ngeleCarling All Stars. Leli qembu lishaye iMagesi ngo 3-0 emdlalweni weCarling Black Label Cup e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo.
Kube ngamagoli amabili kaNaledi Hlongwane nelikaSamkelo Zwane beKaizer Chiefs aweze iqembu likaRiveiro ebelibunjwe ngenqwaba yabadlali abagijima kwiDStv Diski Challenge (DDC).
Bekungekhona okokuqala uRiveiro edla lesi sicoco ngabadlali bamaqembu amaningi ahlukene okwenze abezindaba bafaka eyeBafana. Nangesizini edlule uyena lo mqeqeshi ovotelwe ngabalandeli ukuba ahole i-All Stars osekungumlando ukuthi yadla isicoco yehlula iStellenbosch FC ePolokwane.
Indlela okuboshelwa ngayo i-All Stars, ithi ayifane nakwiBafana yingakho abezindaba bebuze uRiveiro ukuthi angawuvula yini umnyango uma iSouth African Football Association (Safa) ingqongqoze.
“Akekho owaziyo ukuthi kuzokwenzekani kusasa kodwa okwamanje wonke amandla enginawo ngiwafake kwiPirates kanti nokwethenjwa engikuthola kubaphathi bayo kuphoqa ukuthi ngingabheki neze engxenye,” kusho lo mqeqeshi oqale wakhombisa izimpawu zokwethuka ngesikhathi ebuzwa lokhu.
“Ngokujwayelekile amaqembu esizwe aqeqeshwa ngasebemnkantshubomvu kulo mkhakha. Kujwayele ukuba umakadebona uma kubhekwa isipiliyoni. Yebo, kubukeka sengathi izinto ziyashintsha muva nje kwazise abaqeqeshi abakhulu emhlabeni abancane ngokweminyaka, sebeyayithatha imisebenzi yamaqembu esizwe.
Kubuzwa uRiveiro ngeBafana nje, inkontileka yomqeqeshi uHugo Broos izophela ngoJuni 2026. Sekuvele kaningi ukuthi kunamazwe ameshelayo lo mqeqeshi obuyise isithunzi seBafana e-Afrika ngokuqeda endaweni yesithathu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ekuqaleni konyaka. Emasontweni adlule, iBafana iqinisekise indawo yayo kwi-Afcon ezoba seMorocco ngonyaka ozayo. Inkontileka kaRiveiro kweZimnyama, izophela ekupheleni kwesizini ka-2024/2025.
“NguMdali kuphela owazi okuzokwenzeka ngomuso. Ngeke ngiqambe amanga ngithi ngiyokwenza lokhu ekubeni ngingazi. Ngiyazifela ngokuqeqesha kodwa okwamanje ngisagxile kwiPirates ngokugcwele futhi ngizishaya isifuba ngalokhu engikwenzela leli qembu.
“Kuyajabulisa ukumenywa emidlalweni efana nalena lapho ngithola khona ithuba lokusebenza nabanye abadlali abaqhamuka emaqenjini engijwayele ukuwabuka njengezitha. Angiwuvalile umnyango ngokuzokwenzeka ngomuso.
“Okwamanje ngisafake amahhanisi kokwenzeka manje. Okuyokwenzeka ngokuzayo ngiyoqondana nakho uma sekwenzeka. Ngineme kwiPirates kodwa futhi ngeke ngikhulume lapha njengomuntu owaziyo ukuthi kuzokwenzekani kusasa,” kusho uRiveiro.
Kusasa, uRiveiro uzohola iPirates emkhankasweni wokuqoqa amaphuzu uma isibhekene neMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership e-Orlando Stadium ngo-3 ntambama.