BAYERN MUNICH v BAYER LEVERKUSEN
Allianz Arena - Namuhla ngo-6.30pm
German Bundesliga
UKUQALA isizini ngesivuthevuthe kweBayern Munich kubukeka kuyikho okungase kwenze umdlalo wayo nezimbangi iBayer Leverkusen ube ngohlabahlosile kubathandi bebhola abaningi abalandela imidlalo yeGerman Bundesliga kule mpelasonto.
IMunich izotholana phezulu neLeverkusen koweBundesliga, e-Allian Arena, eMunich, namuhla ngo-6.30 ntambama.
Okudala isasasa ngalo mdlalo ukuthi uthathwa njengowamagqubu kwazise iLeverkusen eqeqeshwa nguXabi Alonso yiyona eqede ukukhonya kweminyaka kweMunich kwiBundesliga ngokuyiphuca isicoco ngesizini edlule.
I-Leverkusen lokhu ikwenze ngesitayela njengoba emzuliswaneni wesibili wesizini edlule ivulele isibhaxu sika 3-0 kwiMunich, ekubeni ngomzuliswano wokuqala zazibambene ngo 2-2.
Ukuhlwithwa kweMunich isicoco seBundesliga yiLeverkusen yikho kanye okudalele umqeqeshi uThomas Tuchel isigcwagcwa, wakhonjwa indlela ekupheleni kwesizini edlule, izintambo zathathwa nguVincent Kompany osuka kwiBurnley egawulwe yizembe kwi-English Premier League ngesizini edlule.
Nakuba kuseva, kodwa uKompany obengatshazwa ngezinye izingqapheli ekuthatheni umsebenzi wokuqeqesha lezi zingqungqulu zaseGermany ezibalwa namaqembu ahlonishwayo e-Europe, kubukeka esayibambe ngakho.
Emidlalweni emine yeBundesliga kule sizini ka-2024/25 esanda kuqala iMunich isayinqobe yonke imidlalo, futhi ivulela isibhaxu esingayiwa okubalwa isibhaxu sika 6-1 esivulele kwiHolstein Kiel, nesika 5-0 esivulele kwiWerder Bremen ngeledlule, nokwenza kube yiyona njengamanje esazihola phambi kwi-log yeBundesliga ngamaphuzu angu-12, ilandelwe yiLeverkusen ngayisishiyalolunye.
Ngakolunye uhlangothi i-Leverkusen engompetha abavikela isicoco, nakuba ukushaywa kwayo ngo 3-2 yi-RB Leipzig emdlalweni wesibili kule sizini kwenyuse izinhlonze, kodwa ezika-Alonso kubukeka seziqalile ukuwuthola umgqigqo wazo njengoba zibuye namaphuzu amqoka ngokuguqisa iHoffenheim ngo 4-1 neWolfsburg ngo 4-3 emdlalweni yakamuva.
Ukubuyela emgqigqeni kweLeverkusen yikho kanye okwenza oyinjini yasesiswini kuleli qembu, uGranit Xhaka, abe nokuzethemba ngaphambi kwalo mdlalo wabo wanamuhla ntambama neMunich.
“Sifuna ukuhlala siphezulu. Ngesiqubulo sethu esithi ‘umdlalo owodwa ngesikhathi esisodwa’ ngesizini edlule senze kahle futhi sizoqhubeka ngaso lesi siqubulo nakule sizini. Sinemidlalo emithathu kuya kwemine umqeqeshi akhuluma ngayo. Njengamanje umdlalo esiyobhekana nawo ngoweBayern Munich, esifuna ukuyinyakazisa kancane njengoba senzile ngesizini edlule,” kusho uXhaka, ecashunwa yi-Sky Germany.
“Nokho siyakuqonda ukuthi siyobhekana neqembu eliqeqeshwa ngumqeqeshi omusha, uVincent Kompany, ozoqhamuka namaqhinga amasha.
Kodwa nathi sesikwazile ukuyibuka sayidlaziya imidlalo yabo abasayidlalile, sabona okuningi abakwenza kahle.
Bayingozi kakhulu njengamanje ekuhlaseleni nasekushayeni amagoli, kanti futhi bayavimba emuva. Ngakho silindele umdlalo onzima kubona.”
Phakathi kwabadlali okubhekeke ukuba bathwalise kanzima i-Leverkusen kulo mdlao kubalwa umgadli weMunich ovutha uphondoa kulezi zinsuku, uHarry Kane, osevalele phakathi amagoli amahlanu emidlalweni emine esadlalwe kule sizini yeBundesliga.
Kanti kwiLeverkusen kubhekwe abadlali okubalwa kubona isiphekepheke somdlali wasesiswini, uFlorian Wirtz, osehlohle amagoli amane emidlalweni emine yeBundeslgia esadlaliwe.
Imidlalo yeGerman Bundesliga:
Namuhla - Ngo-3.30pm:
Mainz v Heidenheim; Wolfsburg v Vfb Stuttgart; SC Freiburg v FC St. Pauli; RB Leipzig v Augsburg; Monchengladbach v Union Berlin
Ngo-6.30pm:
Bayern Munich v Leverkusen
Kusasa - Ngo-3.30pm:
Holstein Kiel v Entracht Frankfurt
Ngo-5.30pm:
Hoffenheim v Werder