Sekhukhune United (0) 0
AmaZulu FC (1) 2
AMAZULU FC azibekisele indawo kuma-quarterfinal eNedbank Cup ngokubhaxabulela ekhaya iSekhukhune United emdlalweni we-Last 16, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesine ubusuku.
Amagoli aweze Usuthu ashaywe nguJunior Dion noVictor Letsoalo esiwombeni ngasinye.
Ukunqoba kwaMaZulu lapha kusho ukuba yiqembu lokuqala laKwaZulu-Natal elidlulele kuma-quarterfinal kwamathathu asasele kulo mqhudelwano weNedbank. Amanye amaqembu asele kwiYona Ya Rona yiMilford FC, iRichards Bay FC neMaritzburg United azodlala ngoLwesihlanu, ngoMgqibelo nangeSonto ngokwehlukana. AmaZulu ajoyine i-University of Pretoria eshaye iMoroka Swallows ngoLwesine ntambama.
Nakuba ngesiwombe sokuqala kungaMaZulu athole amathuba amaningana kodwa iSekhukhune yiyona ecishe yathola igoli kuqala ngomzuzu ka-23 ngesikhathi unozinti waMaZulu uVeli Mothwa evimba ebhola elibi ebelingqomfwe uChibuike Ohizu.
Nokho, akuphelanga mizuzu mingaki uDion wabeka AmaZulu phambili ngomzuzu ka-26 ngemuva kwesibhudubhudu ngasepalini leSekhukhune. Abadlali beSekhukhune bakhale kunompempe ngokuthi ibhola lishaye esandleni sikaDion kodwa akasishintshanga isinqumo sakhe, wayikhomba esiyingini senkundla. Leli goli liholele ekutheni ziye ekhefini AmaZulu ehamba phambili ngo 1-0.
Ukungena komgadli waMaZulu uVictor Letsoalo kube nomnyakazo omkhulu njengoba ebekele uHendrick Ekstein uhlaba udle webhola ngomzuzu ka-59 kodwa walibeka phezu kwamapali.
Nokho, uLetsoalo ube yiqhawe ebuya ngomzuzu ka-61 evalela phakathi elesibili ngemuva kwembedumehlwana yephutha likanozinti weSekhukhune, uRenaldo Leaner, ehlulwa ukuvimba ibhola abeliphaselwe nguTresor Tshibwabwa.
Ngomzuzu ka-65 uMothwa uvimbe ibhola elibi ebelidudilwe nguJamie Webber.
UMotha akagcinanga lapho, njengoba evimbe namanye amabhola amaningi anzima kulo mdlalo, ekhipha Usuthu otakwini, waze waqokwa njengomdlali ovelele.