I-SOUTH African Football Association (Safa) izocela abaqeqeshi baseMzansi asebemnkantshubomvu ukuthi bafake isandla ekudwebeni indlela yokudlala amaqembu esizwe okufanele ayilandele.
Lokhu kushiwo nguWalter Steenbok oyi-Technical Director yenhlangano ngesikhathi kunomcimbi wokwethwesa iziqu abaqeqeshi abangu-25 abaphothule izifundo zeCaf B Licence eThekwini.
Sekuphele isikhathi izinkakha zikhononda ngokungacaci kwesitayela sokudlala sakuleli. Ezinye zazo zikhala ngabaqeqeshi baphesheya abafika nezitayela ezahlukene zokudlala. Indlela yokudlala eyodwa izosetshenziswa kusukela kwiBafana kuyoshona phansi eqenjini lesizwe lika-Under 15.
USteenbok uthe bayaludinga usizo lwabaqeqeshi bakuleli abanamava. Uthe bahlela ukuhlangana nabo ekuqaleni konyaka ozayo.
"Lapha ngikhuluma ngabaqeqeshi asebemnkantshubomvu abanjengoManqoba Mngqithi, Steve Komphela, Pitso Mosimane, Rhulani Mokwena, Desiree Ellies, Mandla Ncikazi, nabanye. Siyawudinga umbono wabo, esikwenzayo sibukela kubo," kusho uSteenbok.
Uqhube wathi: "Ukuze izwe lethu libalwe nahamba phambili ebholeni lomhlaba kumele libe nendlela yalo yokudlala. IBafana Bafana yenza kahle ngaphansi komqeqeshi uHugo Broos, kumele siqinise kulokhu osekwakhiwe. Kumele le ndlela yokudlala iqale emaqenjini esizwe ibheke phansi."
Lesi sikhulu siveze nokuthi bazama ukukhuluma nalaba baqeqeshi ukuthi bajoyine izifundo zokuzikhumbuza imithetho yeCaf A Licence (Caf A Licence Refresher Course) ngawo unyaka ozayo.
"Inhloso ukuthi ngonyaka ozayo iningi libe ne-Caf A Licence. Siyazi nokuthi lezi zinkakha zabaqeqeshi zinazo izicucu ezidingekayo kodwa esikucelayo wukuthi sihambisane sonke."
Ngonyaka odlule uSteenbok wamemezela ukuthi zonke izinhloko zabaqeqeshi kwiPremier Soccer League (PSL) sekumele zibe neCaf A, amaphini ashaye ngeCaf B Licence. Lokhu bekumele kuqale ngesizini ka-2024/25, nokho akwenzekanga.
Umengameli weSafa, uDanny Jordaan wacashunwa ethi bacelwe ngamaqembu ePSL ukuthi bakuhlehlisele isizini ezayo ukusetshenziswa kwalo mthetho. Ngesikhathi uSteenbok eqhamuka nalo mthetho, akuzange kwehle kahle kubanikazi bamanye amaqembu. Bakuthatha ngokuthi iSafa ifuna ukubalawula. USteenbok uthe ngalokhu babengaqondile ukuphoqa amaqembu ePSL. Uthe okuhle wukuthi useke wakhuluma noMato Madlala oyisikhulu esiphezulu kwiPSL.
"Lesi sivumelwano ngesobuhle, akuphoqwe muntu. Sijatshuliswa nawukuthi sebengaphezu kuka-95% abaqeqeshi asebeneCaf A neCaf B Licence," kusho uSteenbok.