USIHLALO weTS Galaxy, uTim Sukazi, usongela iKaizer Chiefs ngomgadli eyamchitha, uSamir Nurkovic, okuthiwa ubevutha engabaselwe ekhempini yeqembu eTurkey.
USukazi usayinise lo mgadli esehlale amasizini amabili engalithinti ibhola ngenxa yokulimala. UNurkovic ufike kuleli ngesizini ka-2019/20 ezojoyina iChiefs afike kuyona washisa engabaselwe ngesizini yokuqala, eshaya amagoli awu-14. Amakhosi ehlelwe yishwa kuleyo sizini, ephucwa isicoco seligi yiMamelodi Sundowns ngosuku lokugcina.
Ngokuqhubeka kwesikhathi kuqapheleke ukwehla kwezinga kuNurkovic ohlaselwe wukulimala. Akwethusanga ukuzwa iChiefs imemezela izindaba zokungayivuseleli inkontileka yakhe ekupheleni kweka-2021/22. Ujoyine iRoyal AM kodwa wahlukana nayo ingazange imdlalise nowodwa umdlalo. Leli qembu laseThekwini ligcine linqamula inkontileka yakhe ingakapheli. Kumanje udaba lukwiFifa kwazise lo mdlali ufuna imali yakuxoshwa singakafiki isikhathi. NgoSepthemba nyakenye, uSukazi uqoke ukumcosha uNurkovic.
KwiGalaxy, uNurkovic useshaye amagoli amane emidlalweni yeDStv Premiership nelilodwa kwabahlule kuwo AmaZulu ngo 2-1 kowandulela owamanqamu weCarling Knockout eThekwini.
Ngesikhathi kuqala ikhefu le-Africa Cup of Nations (Afcon), iGalaxy ilibhekise eTurkey iyolungiselela umlenze wesibili weligi. Idlale namaqembu amane abephuma emazweni ehlukene. Inqobe emibili, yashaywa kweyisibalo esifanayo. USukazi akawuvali umlomo ngebhola elidlalwe ngabafana bakhe eTurkey, ikakhulukazi uNurkovic aveze ukuthi bajabule kakhulu ngendlela alenyuse ngayo izinga.
Uthe uzimisele ngokubavala imilomo abebemgxeka ngesikhathi esayinisa uNurkovic, iningi ebelizitshelile ukuthi kuphelile ngaye.
" Ngesikhathi ngisayinisa uNurkovic kukhona abebehleka bethi ngifana nomuntu ogembulayo. Ukhumbule ukuthi bese kuphele amasizini amabili engadlali. Inkukhu isinqunywe umlomo kubo. Efika nje, useshaye amane kwiligi nelilodwa kwiCarling. Ngeke ngimangale uma kusongwa isizini esohlwini lwabashaye amagoli amaningi," kubeka uSukazi.
Ngaphandle kokushaya amagoli emidlalweni ayidlale kwiGalaxy, uNurkovic ukhombisa izimpawu zokubuyela efomini yakhe yakudala. Kukhona nomoya wokuthi kukhona abazisolayo kwiChiefs ngokumdedela.
IGalaxy izobuyela emidlalweni yeligi ngomdlalo onzima ezowudlala neChiefs, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
"Ubuyile uNurkovic ebholeni lakuleli. NgoLwesibili, iChiefs kunombuzo okumele iwuphendule kulo mgadli. Ushisa engabaselwe. Ungazibona izinto abezenza eTurkey. Emdlalweni esishaywe kuwo iDebrecen yaseHungary ushaye igoli elihle ngendlela eyisimanga. Kuzoba umdlalo onzima nozoba mnandi,“kusho uSukazi.
IGalaxy isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-21 emuva kwemidlalo engu-16. Amakhosi asendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-24 emuva kwemidlalo engu-16.