UKUQOKELWA nokunqoba izindondo kuyamgqugquzela ukuthi aqhubeke nokuzimisela uSithabile Mnyandu ongumdlali we-Para Table Tennis.
Le ntokazi (28) edabuka eBhamshela, eNdwedwe, idle umhlanganiso emunxeni iKZN Sports Personality of the Year, kumaKZN Sports Awards eNkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC), eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.
Lo munxa ukhethekile ngoba yiwona wodwa ovuleleke kubantu ukuthi bavotele intandokazi yabo.
Ubewubanga nezinye izilomo zezemidlalo ezizinze KwaZulu-Natal, umdlali weHollywoodbets Sharks namaBhokobhoko, u-Eben Etzebeth, oweHollywoodbets Dolphins namaProteas, uKeshav Maharaj, ibhokisa uNkosingiphile Sibisi nomsubathi uJenet Mbhele.
USithabile uthe: “Eqinisweni ngaqala ngaba novalo uma ngibuka uhlu lwabantu ebengiqokwe nabo ngoba abanye babo badume umhlaba wonke ngenxa yokusabalala kwemidlalo abayidlalayo. Ngokuhamba kwesikhathi ngiqalile ukuba nethemba ngenxa yokuthi abantu bebelokhu beqinisekisa ukuthi bayangivotela futhi bencoma umsebenzi engiwenzayo.”
Ukuqinisekisa indawo yakhe njengomdlali ohamba phambili kwiPara Table Tennis kuleli, ukukleliswa endaweni yesibili e-Afrika nokuba nenqwaba yabalandeli yikhona okwenze uSithabile abe ngomunye wabahlanu abagcine sebebanga le ndondo.
Uthe uyaziqhenya ngakuzuzile ngonyaka odlule futhi ukuthola le ndondo kuzomnika umfutho wokuqhubekela phambili.
“Ngicabanga ukuthi ngidlale kahle kulesi sikhathi ebesibhekwa ngesikhathi kuqokelwa amaKZN Sports Awards anonyaka. Yize kungidumazile ukungangeni kuma-Olympic abeseParis ngenxa yokuthi kwahamba ababekleliswe endaweni yokuqala kuphela e-Afrika, lusekhona ugqozi lokwenza kangcono emiqhudelwaneni emikhulu ezayo. Okunye okungigqugquzelayo ukuthi ngiyakwazi ukuba yisibonelo sokuthi uma uzimisela uyakwazi ukuphumelela, ngisho ubhekene nasiphi isimo.”
USithabile owasha umzimba wonke esaneminyaka eyisithupha, ubeqokelwe nasemunxeni iSportswoman of the Year with a Disability, leyo ndondo yathathwa umbhukudi u-Alani Ferreira.