UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, usephumele obala eveza ukuthi isihlabani saleli qembu, uGaston Sirino sifuna ukuhamba.
"Uselitshelile iqembu (ukuthi ufuna ukuhamba). Uthe mangilinde, kukhona iqembu elizayo elizobeka okuthile etafuleni.
Ukusho lokhu emasontweni amathathu edlule, namanje sisalindile," kusho uMokwena ekhuluma nabePower FM.
"Lapha kwiMamelodi Sundowns kasibagcini abadlali abangasathandi ukuba seqenjini.
Siyakuqonda, nami uqobo, ukuthi kubaluleke kangakanani ukumela leli qembu.
Wonke umuntu okwiMamelodi Sundowns ukuyona ngoba ebeka phambili lona kunokuzicabangela yena," kuqhuba uMokwena.
Kuvela eyokufuna ukuhamba nje, uSirino kakade useke wayamaniswa kaningana ne-Al Ahly yase-Egypt.
Kanti selokhu kuqale le sizini lesi siphekepheke somdlali wasesiswini esidabuka e-Uruguay, asikadlali nowodwa umdlalo kweyisithupha esadlalwe yiSundowns kuyo yonke imincintiswano.