UMDLALI omusha weKaizer Chiefs, uGaston Sirino, unengcindezi yokuqeda ukhondolo lokushaya udaka eNaturena kwabadlali abayijoyina besuka kwiMamelodi Sundowns.
USirino (33) wase-Uruguay, usayine inkontileka yeminyaka emibili naMakhosi, wanikwa ijezi unombolo 10. Ukusayina kwakhe kwiChiefs, kukhumbuze iningi ngabadlali abashiya amaBrazilians eminyakeni edlule kodwa bafika ePhefeni bahluleka ukuqhubeka nezinga eliphezulu abalikhombisa eChloorkop.
Kulaba badlali kukhona uKhama Billiat, Leonardo Castro, Keagan Dolly odedelwe yiChiefs ekupheleni kwesizini ka-2023/2024. Abanye nguKatlego Mphela, Fabian McCarthy, Ramahlwe Mphahlele, Jose Torrealba noJosta Dladla owafika wawina izicoco eNaturena.
Ukwehluleka kweningi lalaba badlali ukushaya into ecokeme kwiChiefs yikhona okufaka ingcindezi uSirino kwazise sekukhona abashaya amakhala ngaye ngenxa yeminyaka yakhe. Lo mdlali ushiye iSundowns esewine nayo isicoco seligi amahlandla ayisikhombisa.
UDladla uthe uSirino akangafaniswa nabanye abadlali abajoyina iChiefs besuka kwiSundowns.
“USirino ungumdlali omuhle futhi iChiefs imsayinise ngoba imethemba. Okwakhe wukukhokhela iChiefs ngokusebenza enkundleni. Akunabo ubulungiswa ukumfanisa noBilliat nabanye abadlali abasayina kwiChiefs besuka kwiSundowns. Kodwa kusezandleni zakhe ukukhombisa abantu izinga aziwa ngalo kwiSundowns, akhokhele iqembu ngokumsayinisa kwalo.
“Konke uzokuthola kwiChiefs futhi nomholo wakhe uzowuthola ngesikhathi njalo. Okusele manje wukuthi abadlali beChiefs bamjwayele ukuthi udlala kanjani, naye abajwayele. Kukhulu okulindelwe kuyena ikakhulukazi ngabalandeli. Kodwa njengomdlali weqophela eliphezulu uyazi ukuthi akukho ukuphumula, kumele asebenze,” kusho uDladla.
Nakuba iChiefs ingakayiqali isizini ka-2024/2025 eqale ngemidlalo yeMTN8 kodwa sekucacile ukuthi umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi uzobanika ithuba abadlali abasebancane kuleli qembu. Amakhosi adlale okokuqala phambi kwabalandeli bawo emasontweni amabili adlule eFree State. Akhale ngaphansi ngo 4-0 kwiYoung Africans yaseTanzania kwiToyota Cup.
“IChiefs idinga abadlali abayisikhombisa abanesipiliyoni abazosiza abasebancane kumasizini amabili kuya kwamathathu azayo. USirino ungomunye walabo badlali. Emuva kokubuka umdlalo weToyota Cup, kungicacele ukuthi luselude ukhalo. Okubi wukuthi iChiefs ayinaso isikhathi ngoba abalandeli abakwazi ukubekezela,” kusho uDladla.
Amakhosi anengcindezi yokubuyisa izinsuku zenjabulo kulandela ukuqeda endaweni yeshumi kwi(DStv) Betway Premiership ngesizini edlule. Azovula eka-2024/2025 ngokubhekana neMarumo Gallants eTotoya Stadium, eBloemfontein, ngoSepthemba 14.