UMQEQESHI waMaZulu FC, uPablo Franco Martin, uthi yize ekubheke ngabomvu ukuqondana nomqeqeshi uNasreddine Nabi ngoLwesithathu ebusuku kodwa abantu abamqoka kakhulu abadlali abazobe besenkundleni.
Usuthu naMakhosi bazotholana phezulu emdlalweni we-Betway Premiership ozoqala ngo-7.30pm eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
UNabi ujoyine Amakhosi ngaphambi kokuqala kwale sizini, kanti uFranco Martin usekwisizini yakhe yesibili njengomqeqeshi woSuthu.
Laba baqeqeshi bake babhekana phambilini ngesizini ka-2021/22 lapho uFranco Martin ayebambe izintambo eqenjini laseTanzania, iSimba SC, uNabi wayecija izimbangi zalo ezinkulu, iYoung Africans.
Ngaleyo sizini yomibili imidlalo yalezi zimbangi zaseKariakoo yaphela ngo 0-0.
“Ngicabanga ukuthi zikhona zonke izithako ezizokwenza umdlalo ube muhle. Senginesikhathi ngimazi uNasreddine. Sake sabhekana phambilini futhi ngiyazi ukuthi kunzima kangakanani ukumshaya,” kusho uFranco Martin.
“Nginesiqiniseko sokuthi ufike nokusha kwiKaizer Chiefs. Noma yimuphi umqeqeshi ofika eqenjini elisha uyakwenza lokho. Unamava, ngakho-ke kuzoba nzima. Kuzoba yimpi emnandi kodwa ngicabanga ukuthi thina asibalulekile kakhulu. Ababalulekile yilabo abanethalente, laba okuzomele balawule imizwa yabo enkundleni.”
AmaZulu anqotshwe yiPolokwane City ngo 2-1 emdlalweni wokuvula i-Betway Premiership, Amakhosi athela phansi iMarumo Gallants ngo 2-1.
Ngesizini edlule, iChiefs yawashaya ngo 3-0 AmaZulu koweligi eGoli, owaseThekwini waphela zibambene ngo 1-1.
Nokho Usuthu lawawashisa ijezi Amakhosi kwiCarling Black Knockout Cup, kwiLast 16.
“Ngesizini edlule, sikukhombisile esingakwenza sibashaya kowomkhumulajezi. Ngiwubheke ngabomvu umdlalo nokubona ukuthi abadlali baMaZulu bazomelana kanjani nabeChiefs. Yibona abalingiswa abaqavile emdlalweni kunabaqeqeshi,” kubeka uMartin
“Leli lingelinye lamasonto lapho ngisuke ngikhululeke khona njengomqeqeshi. Ngiyazi ukuthi abadlali bayayithokozela imidlalo yalolu hlobo. Ngesizini edlule senze kahle uma sibhekene namaqembu amakhulu.
“Sifuna ukudlala umdlalo omuhle ozojatshulelwa abalandeli abazobe bephume ngobuningi babo. Ngiyethemba ukuthi sizowaqoqa amaphuzu ethu okuqala kule sizini. Yebo, iChiefs ithuthukile uma iqhathaniswa nesizini edlule. Basayinise abadlali abasezingeni elihle, baqinisa lapho bebebuthaka khona,” kusho uMartin.