UNETHEMBA lokuthola ikhaya elisha isizini ingakapheli umdlali wasemuva, u-Omega Mdaka, ochithwe yiKaizer Chiefs ngasekupheleni konyaka odlule.
UMdaka ubeyibamba eqenjini laMakhosi leDStv Diski Challenge futhi esengukaputeni ngaphansi komqeqeshi, uVela Khumalo. NgoNovemba nyakenye ukhonjwe indlela noPuso Dithejane kulandela ukwenqaba kwabo ukuba ngo-ball boy emdlalweni weChiefs emqhudelwaneni iCarling Black Label Knockout. UDithejane, odlala emuva kwesokudla, ucoshwe yiTS Galaxy futhi useqalile ukudlala esikimini sayo seDStv Premiership.
UMdaka, oyibamba emuva kwesokunxele, uzame inhlanhla kuMaZulu kodwa wagcina engasayinanga. Kunalokho Usuthu luboleke uSifiso Ngobeni kwiMamelodi Sundowns okunguyena osebanga indawo noRiaan Hanamub waseNamibia.
“Okwenze ukuthi ngingasayini kuMaZulu wukuthi kungithathe isikhathi eside ukuthola incwadi engikhululayo kwiChiefs. Ngenxa yalokho AmaZulu athathe uNgobeni. Bazamile ukuthi ngisayine, ngiyodlala eqenjini leDiski kodwa angikuvumanga lokho ngenxa yokuthi sengifuna enye inselelo esigabeni esikhulu. Kube nzima kimina ukuphindela kwiDiski,” kusho uMdaba obeyibamba eqenjini lesizwe lika-Under 20.
“Kodwa likhona iqembu engizama kulona inhlanhla elidlala kwiNFD (Motsepe Foundation Championship). Bayathembisa ukuthi bazozama ngakho konke ukuthi ngisayine ingakapheli isizini. Nginalo ithemba lokuthi kuzolunga lapha. Angithandi ukulidalula okwamanje kuze kuba sisayine yonke into. Kodwa engingakusho wukuthi leli qembu likuthandile elikubonile.”
IChiefs ayibalwa emaqenjini asethubeni lokuwina iligi yeDiski kule sizini nakuba isendaweni yesine kwi-log. Umbango ushisa phansi phakathi kweSundowns, Stellenbosch FC ne-Orlando Pirates. ISundowns iseqhulwini ngamaphuzu angu-47 emidlalweni engu-21. IStellies isendaweni yesibili ngawu-45 emuva kwemidlalo engu-21. IPirates iyibambe endaweni yesithathu ngawu-44 emidlalweni engu-21. IChiefs isendaweni yesine ngamaphuzu angu-40.
“Kunzima ukusho ukuthi yiliphi iqembu elizowina iligi okwamanje. Umbango ushubile. IChiefs nayo isenalo ithuba kodwa idinga ukuwina yonke imidlalo eyisalele. Ngokwami imidlalo yokugcina yeligi iyona ezocacisa ngeqembu elizowina iligi,” kusho uMdaka.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
Kusasa - Ngo-10am: Chippa United v Sekhukhune United (Wolfson Stadium); Kaizer Chiefs v Golden Arrows (Dobsonville Stadium); Mamelodi Sundowns v Cape Town City (Lucas Moripe Stadium); Orlando Pirates v TS Galaxy (AW Muller Stadium).
Ngo-12pm: Moroka Swallows v Richards Bay (Dobsonville Stadium).
NgeSonto - Ngo-10am: AmaZulu v Cape Town City (Sugar Ray Xulu Stadium); Polokwane City v SuperSport United (Old Peter Mokaba Stadium).
Ngo-12pm: Stellenbosch v Royal AM (Idas Valley Stadium).