IPHINI lomqeqeshi weqembu lesizwe lombhoxo labesifazane, uLaurian Johannes-Haupt, lithi kusemqoka ukuthi bakhuphule izinga emdlalweni wokugcina we-WXV 2, ukuze bawunqobe.
AmaBhokobhoko azosonga umqhudelwano ngokubhekana ne-Italy kusasa ngo-2 ntambama, e-Athlone Stadium, eKapa.
Iqembu lakuleli liwuvule ngokunqoba iJapan ngo 31-24 ngenyanga edlule, lanqotshwa yi-Australia ngo 33-26 ngempelasonto edlule.
Lisendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emibili. Kuleli qoqo kuqhakwele i-Australia ngamaphuzu angu-10, kulandele iScotland ngayisishiyagalombili.
Yize isekhona inhlansi yokuthi iqembu lakuleli lisengaqeda esicongweni uma lingavunwa eminye imiphumela, uJohannes-Haupt uthe abakubheke kakhulu ukunqoba umdlalo wabo.
“Sibheke ukuqeda ngomdlalo omuhle futhi sinqobe. Iqembu selithuthuke kakhulu, sinomgqigqo omuhle futhi sikhombisile ngesikhathi sidlala ne-Australia, lapho sishaye khona ama-try amane. Lokho kusitshela ukuthi sisendleleni efanele njengoba sibheke eNdebeni yoMhlaba, e-England ngonyaka ozayo,” kusho umqeqeshi.
I-Italy ikleliswe endaweni yesishiyagalolunye emhlabeni kanti iqembu lakuleli lisendaweni ka-12. Ngesikhathi womabili amaqembu ebhekene kulo mqhudelwano nyakenye kwanqoba i-Italy ngo 36-18.
“Banesitayela esihlukile, bazosivivinya kodwa yilokho okuhle ngomqhudelwano ofana nalo. Banendlela yabo yokudlala, ikakhulukazi uma behlasela futhi abadlali babo baphambili banamandla,” kusho uJohannes-Haupt.
“Sinenhlanhla yokuthi sinamaqoqo amabili abadlali baphambili esingawasebenzisa futhi acishe abe sezingeni elifanayo. Okuhle kakhulu ngalo nyaka wukuthi siphinde sibe nabadlali abaningi abasha abadlala emuva, okusho ukuthi siyanda isibalo sabadlali esakhela phezu kwabo.
“Njengoba sinethimba elisha labaqeqeshi kuningi esikushintshayo ngendlela esidlala ngayo. Sibheke ukwenza izinguquko ezimbalwa eqenjini ukuze siqhubeke nokunika abadlali abahlukene amathuba,” kuphetha yena.