USWELE umgodi wokucasha umseshi osebenzela esiteshini samaphoyisa iSenwabarwana, eLimpopo, ngoLwesine ekuseni, evinjezelwa ozakwabo bemtshela ukuthi uzolala ebaliwe.
Ngeso lomuntu, akukho okugqamile ngaleli phoyisa okungenza umuntu asole ukuthi licebile noma liphila impilo yobukhazikhazi ngoba linezinwele zemvelo ezimfishane, lizifakele izibuko nomfaniswano ohloniphekile wamaphoyisa, ngeke usole ukuthi yisicebi esinezigidi zamaRandi.
Kuthiwa umgilwa wokuqala wabulawa ngo-2019, ngenhloso yokuthola imali yomshwalense. Lowo mgilwa walandelwa abanye abahlanu ababulawa emva kwakhe.
Umphenyi wecala, uCaptain Keshi Mabunda owaziwa njengephoyisa elabopha uRosemary Ndlovu naye owayeyiphoyisa elagwetshwa ngokubulala isoka nezihlobo ngoba efuna imali yomshwalense. Kulokhu, uCaptain Mabunda wathola izikhalazo zobugebengu ngaleli phoyisa kuvela izinsolo zokuthi lalifaka izicelo ezahlukene zemishwalense yomasingcwabisane, eyokulimala neyempilo yabantu abahlukene.
Uphenyo luveze ukuthi leli phoyisa laqala ngo-2019 ukubulala, abagilwa okwakungabantu elibaziyo, abanye bakhubazekile futhi bedla imbuya ngothi.
Kuboshwe abanye abasolwa ababili abajoyina leli phoyisa ngoLwesihlanu eNkantolo yesiFunda ePolokwane ngamacala ayisithupha okubulala nangu-17 okukhwabanisa.