YAYIKADE igwetshelwe icala lokubulala iphoyisa nelokweqa esitokisini indoda eboshwe ngoMsombuluko, ngezinsolo zokubulala abantu abangu-18 eNgobozana, eLusikisiki, ngenyanga edlule.
Lokhu kudalulwe nguKhomishana wamaPhoyisa uGeneral Fannie Masemola emuva kokuboshwa kukaSiphosoxolo Myekethe (45).
Usolwa ngokuqotha abagilwa esebenzisa isibhamu i-AK47 manje amaphoyisa athi asezithendeni zabanye abasolwa.
“Umsolwa uyathinteka esehlakalweni sokubulawa kwabantu abangu-18. Ubengaphandle ngoshwele onikezwa iziboshwa ngecala elamgojela lokubulala omunye wethu (iphoyisa) eLusikisiki,” kusho uMasemola.
Uveze nokuthi kuzokwengezwa abanye abasolwa abathathu kuleli cala, asebevelile enkantolo yaseLusikisiki, ePort Saint Johns nakweyaseFlagstaff.
Kuthiwa ababulawa babekade besemalungiselelweni okwenza umsebezi wokukhumula inzila, kwembulwa itshe lamalungu omndeni amabili abulawe esikhathini esifanayo nyakenye, emzini ongumakhelwane.
Icala elithweswe uMyekethe lihlehliselwe uLwesibili ngesonto elizayo.
Uphiko lezokushushisa, i-National Prosecuting Authority (NPA) e-Eastern Cape, luthe kusenziwa uphenyo ngamacala athinta le ndoda futhi kulindwe umbiko woMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo mayelana noshwele eyanikezwa wona.
Amalungu omphakathi ngaphandle kwenkantolo abuze ukuthi lusebenza kanjani uhlelo lukashwele weziboshwa nokuthi umuntu onjani okumele awuthole?
Benze izinsolo zokuthi ukube akadedelwanga ejele uMyekethe ngabe basaphila abagilwa abangu-18.
Kwabahlaselwa kwakukhona nosana olwalunezinyanga ezimbili olwatholakala lungenamyocu phezu kukanina owayekade esebanda.
UMasemola uthe ukhona umuntu oyedwa oboshelwe isigameko sokubulawa kwabantu abayisithupha bohlaka olulwa nobugebengu eQumbu, e-Eastern Cape.
Kwavela ukuthi abagilwa babengu-20 emhlanganweni ababewubambele egumbini lokufundela esikoleni ebusuku, kanti bazothelekelwa oshayasibhamu abayisishiyagalomblli abafike bavulela ngenhlamvu.