USAVALIWE uthelawayeka uN2 phakathi kweMandeni neGingindlovu kulandela ingozi enyantisa igazi yemoto ethutha izingane neloli ngoLwesihlanu ekuseni.
Abe-IPSS Medical Rescue bafike endaweni yesigameko bathola iloli lisesikhotheni kanti imoto yezingane iphelele khona emgwaqweni.
Imbiko ithi imoto encane iqhunyelwe yisondo umshayeli wazama ukuyilawula yaqonda elolini. Kuthiwa iloli belizama ukugwema le moto ngesikhathi liphaphalaza layongena esikhotheni.
Okwamanje kusaqinisekiswe ukufa kwabayisishiyagalombili, izingane eziyisikhombisa nomuntu omdala oyedwa. Kuthiwa umshayeli weloli usesimweni esibucayi uthola usizo oluphuthumayo kule ndawo.
USamantha Meyrick okhulumela abezimo eziphuthumayo, uthe umgwaqo usavaliwe kanti kusazothatha isikhathi ukuthi uvulwe.
“Njengamanje kulindwe imoto yesibili yasemakhazeni izothatha abafi abane abasele njengoba eyokuqala ihambe nabanye. I-RTI ithi ungahle uvulwe ngemuva kwehora umgwaqo njengoba kusakhucululwa futhi amaphoyisa esaqhubeka nophenyo lwawo,” kusho yena.