UKUBONA kuyinselelo yokwenza okunye okukhulu ukuzifaka ohlwini lwabashwibi abakhethekile bakuleli uKagiso Rabada, osehlanganise amawikhethi angu-300 emidlalweni ye-test.
URabada ube ngumdlali wesithupha wakuleli ukufinyelela kulesi sibalo ngesikhathi ethatha iwikhithethi kaMushfiqur Rahim emdlalweni wokuqala we-test neBangladesh eSher-e-Bangla national Cricket Stadium ngoMsombuluko.
Abanye bakuleli asebeke bathatha amawikhethi angu-300 kweye-test, uDale Steyn (439), Shaun Pollock (421), Makhaya Ntini (390), Allan Donald (330) noMorne Morkel (309). Bonke sebathatha umhlalaphansi.
URabada ukwenze lokhu eneminyaka engu-29 nezinsuku ezingu-150, okumenza umdlali omncame kunabo bonke bakuleli ukuqopha leli rekhodi.
Kumthathe amabhola amancane kunabo bonke abashwibi emhlabeni njengoba ekwenze ngelika-11 817. Leli rekhodi beliphethwe yinkakha yasePakistan, uWaqar Younis, ngamabhola angu-12 602.
“Bengingakubekile emqondweni konke lokhu ngesikhathi ngingena enkundleni ngizoshwiba. Bengigxile ekutheni singawunqoba kanjani lo mdlalo njengoba singayiwinanga ithosi, kwadingeka ukuthi sishwibe kuqala,” usho kanje uRabada.
“Kwehle umthwalo emahlombe ngesikhathi kwenzeka. Sonke siyafuna ukufinyelela kulawa marekhodi abalulekile. Indlela ozakwethu abangeseka ngayo iyamangalisa ngakho-ke kuyinto ekhethekile. Bengingazi lutho ngamarekhodi kodwa lokhu kuyangigqugquzela ukuthi ngibhukule.”
URabada wadlala owokuqala we-test eqenjini lesizwe libhekene ne-India ngoNovemba 2015, wangathatha wikhethi kulowo mdlalo.
Nokho, washeshe wazibonakalisa ukuthi uzoba ngumshwibi omqoka kumaProteas emidlalweni elandelayo, eyiphela endlebeni kubadlali ababhethayo bamanye amazwe ngenxa yamabhola akhe asheshayo.
Eminyakeni edlule uke waphazanyiswa wukulimala. Ngo-2020 wamiswa umdlalo owodwa kulandela ukujabulela enye yamawikhethi ngokweqile elakuleli libhekene ne-England.
Noma kunjalo, lo mdlali owaqala ukugqama ngesikhathi edlalela isikole saseGoli, iSt Stithians College, neqembu lesizwe lika-Under-19, ungomunye wabadlali bekhilikithi abayizilomo, abathandwa abalandeli abasebancane nasebekhulile.
“Uma ngibheka emuva kusobala ukuthi muningi umsebenzi owenziwe. Kuningi okuhle engidlule kukhona kodwa futhi kukhona nokuncane obekungekuhle. Konke kwenza kuthi cosololo ukufika kuleli zinga,” uqhube kanje uRabada.
“Okusemqoka kakhulu futhi engikujabulelayo wukudlalela iNingizimu Afrika. Konke okunye kuza ngoba ngisuke ngimele izwe lami. Ngisakhula ngangiphupha ngalokhu futhi iphupho selifezekile.
“Ngangiphupha ngokudlala nezinkakha esengadlala nazo futhi iphupho lisaqhubeka nozakwethu engidlala nabo manje.”
Umlando kaRabada emidlalweni ye-test:
Iwikhethi yokuqala yeTest: Virat Kohli (wase-India), 2015
Iwikhethi ka-50: Dimuth Karunaratne (waseSri Lanka), 2017
Iwikhethi ka-100: Mahmudullah Riyad (waseBangladesh), 2017
Iwikhethi ka-150: Dilruwan Perera (waseSri Lanka), 2018
Iwikhethi ka-200: Hasan Ali (wasePakistan), 2021
Iwikhethi ka-250: Ben Stokes (wase-England), 2022
Iwikhethi ka-300: Mushfiqur Rahim (waseBangladesh), 2024