UKUDLOBA komgadli weMamelodi Sundowns, uCassiuss Mailula, osethathe amehlo abathandi bebhola muva nje ngokukhombisa kwakhe izimpawu zokuba ngumdlali osazogila izimanga sekwenze kwaqala imvunge ngaye abanye sebeqala ukumqhathanisa noPercy Tau.
UMailula (21) uphekwe enkulisa-badlali yeSundowns njengaye uTau owayeyisihlabani seSundowns eminyakeni embalwa edlule, futhi udlala ngendlela ethi ayifane nekaTau ogijima kwi-Ahly Ahly yase-Egypt.
Nokho umqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena ushaya amakhala ngokuqhathaniswa kwalaba babadlali bobabili.
“Akubona ubulungiswa ukuqhathanisa laba badlali ngoba bangabadlali ababili abehlukene abenethalente elikhulu,” kusho uMokwena ekhuluma nabeSABC TV.
“Ngicela ukuthi abekezelelwe uCassius kodwa ngiyazi ukuthi amagoli awashayayo yiwo enza lo msindo, njengoba igama lakhe lingasapheli kubalandeli bebhola.”
UMailula okhushulelwe esikimini esikhulu seDowns ngokuqala kwale sizini, usehlohle amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-10 asayidlalile kuyo yonke imiqhudelwano, okubalwa amathathu awashaye kweyeligi yePremiership, amathathu awashaye kweyeCaf Champions League, namanye amathathu awashaye muva kwiCarling Black Label Cup ngeledlule ezakhe zidla lesi sicoco.
Lo mqeqeshi uthe yize uMailula engundabamlonyeni muva nje, kodwa uyadinga ukunikwa isikhathi sokuthi akhule njengoba enezinselelo eziningi asenazo.
“Iqiniso wukuthi uma ngihlala naye phansi silungisa amaphutha, kuvele kungicacele ukuthi kusekuningi asazokwenza lo mfana ebholeni.
Okuhle ngoCassius wukuthi amaphutha amaningi awenzayo enkundleni yilawo enziwa ngabadlali abancane njengaye.
Into ezomsiza ekukhuleni adlondlobale wukuthi abe senkundleni abhekane nalezi zimo.”
Uqhuba uthi: “Abadlali abahlaselayo kudingeka babe senkundleni ukuze bakwazi ukubhekana nengcindezi nomuzwa wokuba sebhokisini ngaso sonke isikhathi ukuze bathuthuke.
Kudingeka bazi lapho kufanele basheshe khona nalapho kufanele behlise khona isivinini. Kufanele simbekezelele kakhudlwana (uMailula) ngoba usenza amaphutha amaningi futhi okuyinto enhle ngoba kukhombisa ukuthi uzoba ngumdlali ongcono kakhulu.”