SIZOBE sibophele abadlali be-Orlando Pirates, Mamelodi Sundowns neKaizer Chiefs isikwati seCarling All-Stars esizodudulana nompetha beCarling Knockout, iMagesi FC, ngoMgqibelo.
Lo mdlalo uzobanjelwa ekhaya leZimnyama, i-Orlando Stadium, ngo-3.30 ntambama.
IMagesi yemuke nesicoco seCarling Knockout ngesikhathi iguqisa iSundowns ngo 2-1 kowamanqamu obuseToyota Stadium, eBloemfontein, ngoNovemba 23.
Abadlali abazogijima kwi-All-Stars bavotelwe ngabalandeli. Ngokwemigomo yalo mqhudelwano, kufanele iqembu elizoqala libe nabadlali abayisithupha abadlala esigabeni esikhokhelwayo, nabayisithupha abagijima kwiDStv Diski Challenge (DDC).
Bekungavumelekile ukuthi kube neqembu elizoba nabadlali abangaphezu kwabane esikwatini esizoqala umdlalo.
Emapalini kuboshelwe unozinti wezikaMagebhula, uSipho Chaine, okunguyena obashaye emakhanda ngamavoti njengoba ethole angaphezu kwangu-63 000.
Emuva kuzovala abasebancane, uJabulani Mokone noMbekezeli Mbokazi bePirates, u-Aiden McCarthy weChiefs no-Asekho Tiwani oyibamba esikimini seSundowns.
Isisu sisobanjwa nguBathusi Aubaas noGomolemo Kekana beSundowns, bese ezinhlangothini kugijima uRelebohile Mofokeng wePirates noGaston Sirino weChiefs. Amafolosi azoqala lo mdlalo u-Ashley du Preez noNaledi Hlongwane, bobabili abaqhamuka kwiChiefs.
Iqembu lizophekwa ngumqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, ohambe phambili ngamavoti angu-26 290. Uzolekelelwa ngumqeqeshi weqembu leSundowns leDDC, uDavid Notoane nocija leStellenbosch FC leDDC, u-Evangelos Vellios.
URiveiro uyena owayephethe izintambo ebhentshini ngesikhathi i-All-Stars iguqisa iStellenbosch FC ngo 2-1 kulo mdlalo ngesizini edlule.
Ngalelo langa amagoli e-All-Stars aqhamuka kuMfundo Vilakazi noDu Preez. EleStellies lashaywa nguMervin Boji umdlalo usuyophela.
UVilakazi noDu Preez bangabanye babadlali ababekhona ngesizini edlule abaphinde bavotelwa kulokhu, nakuba uVilakazi ezowuqala ebhentshini umdlalo.
Abanye ababuyile uChaine, owayebhentshini ngesizini edlule, uMokone, uThembinkosi Lorch, Reeve Frosler noTshegofatsho Mabasa.
Ngaphambi kokuthela phansi iSundowns kowamanqamu kwiCarling, iMagesi iqale ngokuwashisa iPirates ijezi kwiLast 16, iyikhipha ngo 3-2 khona e-Orlando Stadium. Ukudlala kweleCarling kwabePirates enkundleni abashayelwe kuyona yiMagesi, kubanika ithuba lokuziphindiselela kuleli qembu eliphazamise umgqigqo wabo wokuwina izindebe kwazise bavule isizini ngeyeMTN8.
Iqembu leCarling All-Stars elizobhekana neMagesi FC
Abazoqala: Sipho Chaine (Pirates), Asekho Tiwani (Sundowns), Aden McCarthy (Chiefs DDC), Mbekezeli Mbokazi (Pirates DDC), Jabulani Mokone (Pirates DDC), Gaston Sirino (Chiefs), Bathusi Aubaas (Sundowns), Gomolemo Kekana (Sundowns DDC), Relebohile Mofokeng (Pirates), Naledi Hlongwane (Chiefs DDC), Ashley Du Preez (Chiefs).
Ebhentshini: Nqobani Biyela (Sundowns DDC), Dimpho Madalane (Pirates DDC), Xolani Cossa (Chiefs DDC), Akhanyisile Sinoti (Chippa DDC), Reeve Frosler (Chiefs), Mfundo Vilakazi (Chiefs), Sanele Phiri (Galaxy DDC), Simphiwe Selepe (Pirates DDC), Monnapule Saleng (Pirates), Thembinkosi Lorch (Sundowns), Patrick Maswanganyi (Pirates), Tshegofatso Mabasa Pirates).