MTHOKOZISI MNCUSENI
Kaizer Chiefs (0) 0
Cape Town City (0) 0
KUQHUBEKE ukhondolo kwiKaizer Chiefs ibanjwa yiCape Town City emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium, eNasrec, ngoLwesithathu ebusuku.
Amakhosi agcine ephume nephuzu kulo mdlalo obekubhekwe kuwona ukuthi aqhubeke nomgqigqo wakamuva kwazise abesenqobe imidlalo emibili ilandelana. Ngaphambi kokubhekana neCity, iChiefs ihlule iMagesi koweligi, yalandelisa ngeStellenbosch koweNedbank Cup. Ukwehluleka ukushaya iCity kwaMakhosi, kusho ukuqhubeka kokhondolo lokwehluleka ukuwina imidlalo emithathu oselufana nensila eNaturena ngaphansi komqeqeshi, uNasreddine Nabi.
Ngaphandle kwethuba lokungena emidlalweni yeCaf ngokusebenzisa iNedbank, iChiefs ingene enkundleni ikuqonda ukuthi isenalo ithuba lokunombela kwi-log.
Enkundleni, kube yizivakashi eziqale kangcono kwazise umdlalo uthe ufika emzuzwini ka-10 uBruce Bvuma obevimbele iChiefs ubeseke wasebenza.
Iminyakazo yeChiefs ibiqhamuka ngasohlangothini lukaGlody Lilepo obeshintshashintsha izimpondo abeqhamuka ngakuzona. Yize iqembu lasekhaya belithembisa kodwa iCity bekulokhu kuyiyona engqongqozayo kuBvuma.
Bekufanele asebenze nokho amathuba atholwe oDillan Solomons noMduduzi Shabalala seziyela ngasemaphethelweni esiwombe sokuqala.
Akazange abuye esiwombeni sesibili uThulani Serero kwiCity kwaba uNkosingiphile Ngcobo kwiChiefs. Izindawo zabo zithathwe nguPrins Tjiueza noGerge Matlou.
Noma ngabe yini le etshelwe abadlali beChiefs ngesikhathi sekhefu ibukeke sengathi iyasebenza kwazise ithole amathuba amabili amahle ngoLilepo noThabo Cele zisanda kubuya kodwa bawayeka.
Lokhu akusho ukuthi iCity ibingabuvezi ubungozi bayo njengoba yenzile ngethuba likaFortune Makaringe ngomzuzu ka-60 kulamula uBvuma.
Ngendlela ebese zithengana ngayo nenqwaba yezinguquko ezenziwe yiChiefs akuzange kwethuse ukuthi umdlalo uthi ukwehla kancane kwaze kwaba uyafudumala futhi usuyela ngasemaphethelweni.
Nakuba kuyivusile iChiefs ukungena kukaPule Mmodi noMfundo Vilakazi kodwa okuphinde kwacaca ukuthi uRanga Chivaviro usazoqhubeka nokuhhewulana nabalandeli.
Lo mgadli ovele unyamanambana kubalandeli beChiefs uthole amathuba amahle okuwinisa iChiefs kodwa wahluleka wancama ukubhakuzisa inethi okulandelwe ukuthi bamhhewule.