UPHINDE wabalwa nabadlali baseNingizimu Afrika abathengwe ngezizumbulu zemali endalini ye-Indian Premier League (IPL) umshwibi wakuleli, uKagiso Rabada.
URabada uzoyibamba eqenjini elisha ngesizini ka-2025 ye-IPL kulandela ukuthengwa yiGujarat Titans, emkhiphele isamba esingu-R23 million ngesikhathi kudayiswa abadlali ngoMsombuluko.
Lo mdlali wathengwa okokuqala endalini ye-IPL ngo-2017, ethathwa yiDelhi Daredevils ngo-R10.72 million. Leli qembu lalizomgcina ngonyaka olandelayo kodwa ngeshwa walimala umsipha osemhlane, okwaholela ekutheni angakwazi ukudlala isizini yonke.
Ngo-2019, leli qembu laseDelhi elashintsha igama laziwa ngeCapitals, laphinde lakhipha u-R9 million ukuze limgcine, lenza okufanayo ngo-2020 nango-2021.
Ulishiye ngo-2022, ethathwa yiPunjab Kings ngo-R19.8 million. Uphinde wahlala kuleli qembu ngo-2023 nango-2024 esahola imali elinganayo njengoba esethathwe yiGujarat ngo-R23 million.
Umdlali wakuleli ozohola imali eningi kunabo bonke kule sizini nguHeinrich Klaasen, ogcinwe yiSunrisers Hyderabad ngo-R49.3 million. UTristan Stubbs usendaweni yesithathu kwazise iDelhi Capitals ikhiphe u-R21.4 million ukuze imgcine.
Umdlali osemncane, uKwena Maphaka uthathwe yiRajasthan Royals ngo-R3.2 million, kwathi uLungi Ngidi wathengwa yiRoyal Challengers Bengaluru ngo-R2.1 million.
Abangathengwanga u-Ottniel Baartman, Corbin Bosch, Dewald Brevis, Nandre Burger, Junior Dala, Daryn Dupavillon, Duan Jansen, Patrick Kruger, Keshav Maharaj, Wiaan Mulder, Wayne Parnell, Nqaba Peter, Dwaine Pretorius, Tabraiz Shamsi, Rassie van der Dussen noKyle Verreynne.
Khonamanjalo, uRabada nozakwabo eqenjini lesizwe amaProteas leTest babheke ukugcina amathuba okungena kowamanqamu weWorld Test Championship njengoba beqala uchungechunge lwemidlalo emibili yeTest neSri Lanka.
Umdlalo wokuqala ungo-9.30am namuhla eHollywoodbets Kingsmead, eThekwini. Kuhlelwe ukuthi uphele ngeSonto. Owesibili uzobanjelwa eSt George’s Oval, eGqeberha, ngoDisemba 5-9.