UBONGE ukuwuqeda ngenothi elihle unyaka umgijimi odle umhlanganiso kwiDrakensberg Marathon ebiseBergville ngeSonto, uSinethemba Tshangase.
UTshangase (25) uhlomule ngo-R20 000 njengoba eyigqashule kuqala intambo ngo-02:15:47 ebangeni lika-42km. Ngonyaka odlule waphuma isibili kulo mjaho, eqeda ngemuva kukaJobo Khatoane ngo-02:23:16.
“Kunzima ukuchaza umjaho ukuthi ubunjani ngoba ubunzima kakhulu ngasekuqaleni kodwa kuthe uma sengiphakathi nendawo ngaqala ukuthola amandla, lakhuphuka nezinga lokuzethemba,” kusho uTshangase.
“Ngibe sengikwazi ukunamathela eqoqweni ebelihamba phambili, ngagcina nginqobile. Bengingalindele ukuthi umdlalo ngizowuqeda ngomfutho engiwuqede ngawo ngenxa yokuthi ngike ngathwala kanzima ngasekuqaleni.
“Ngijabule kakhulu ngoba ngike ngahlushwa wukulimala kulo nyaka kodwa ngiwusonge kahle ngokudla umhlanganiso emjahweni. Okunye okungihlabe umxhwele wukushaya isikhathi esingcono kunazo zonke engake ngazigijima.”
Lo msubathi odabuka eMthwane, eMzimkhulu, uthe ukuphuma phambili kulo mjaho kuyamgqugquzela ukuthi enze kangcono ngonyaka ozayo. Uthe uyafisa ukuphinde angenele iComrades Marathon, ayingenele okokuqala kulo nyaka, waqeda ngo-6.29.41.
“Bengiqala ukugijima iComrades ngakho-ke angikhalanga kakhulu ngaleso sikhathi kodwa ngiyakholwa wukuthi ngingenza kangcono uma ngingagwema ukulimala ngiphinde ngizilungiselele kahle,” uqhube kanje.
“Ngisazothatha izinqumo mayelana neminye imijaho engizoyigijima uma sesihlela nomqeqeshi wami kodwa uma ngingawuqala ngendlela engiqede ngawo lo nyaka lokho kungangibeka endaweni enhle kakhulu.”
Kwabesifazane lo mjaho unqotshwe nguLikeledi Majara, odabuka eLesotho, oqede ngo-02:48:40.
Abaphume phambili kwiDrakensberg Marathon:
Abesilisa:
1. Sinethemba Tshangase (Nedbank AC) 02:15:47
2. Tsepo Ramashamole (Hollywood AC) 02:17:56
3. Samuel Pule (Maxed Elite) 02:20:14
4. Lekhotla Pulinyana (Hollywood AC) 02:21:38
5. Mziwenkosi Mjaja (Zakhele AC) 02:29:50
Abesifazane:
1. Likeleli Majara (Sibanye Still Water) 02:48:40
2. Gladys Jepchirchir (*Kenya) 02:57:57
3. Jenet Mbhele (XCEL AC) 02:59:15
4. Musawenkosi Nsibande (Nedbank AC) 03:08:50
5. Nontokozo Mkhize (Faku Chiefs AC) 03:12:17