UMDLALI osemncane waseMgungundlovu osayine kwi-Orlando Pirates, uBayanda Zulu, ugcizelele ukuthi abadlali abasebancane bahloniphe abaqeqeshi uma befuna ukuya phambili ngekusasa labo ebholeni.
UZulu (19) ongunozinti oqhamuka kwaDambuza, eSgingqini, ujoyine iqembu leZimnyama elidlala kwiDStv Diski Challenge ngemuva kokuhlaba umxhwele izinhloli zaleli qembu elidlalela iMidlands Academy emqhudelwaneni i-U21 Pirates Cup eGoli ezinyangeni ezedlule. Kulo mqhudelwano, iMidlands iphume kowandulela owamanqamu.
Ekhuluma neSolezwe, uZulu uthe ujabule ngokujoyina iPirates.
“Bengingakulindele lokhu kodwa intando kaNkululunkulu ihlezi inesikhathi sayo. Abaqeqeshi basebenze ngendlela encomekayo kule sizini ephelile njengoba besidlala ibhola elinkenkosi phakathi okwenze ukuthi amaqembu amakhulu asibone,” kusho uZulu.
Ukhuthaze abanye abadlali wathi bangadikibali, balalele imiyalelo yabaqeqeshi.
“Ukuze bafike lapha kumele balalele lokhu okusuke kushiwo abaqeqeshi bese beyakwenza bephindelela.”
Uthe kusamethusa kancane ukuthi usezodlala ezinkundleni ezinabalandeli abaningi futhi uyazibona elwela ijezi esikimini esikhulu.
“Nginovalo ngoba mina bengijwayele ukudlala ezinkundleni ezinabantu abangu-50 noma abangu-60 kodwa manje sebezoba baningi futhi ngizosebenza ngokuzikhandla ngoba ngifuna ukufana noSipho Chaine kanye noMelusi Buthelezi” usho kanje.
Isikhulu seMidlands, uVincent Myeni, sithe bayisikhungo esithuthukisa amakhono ezingane futhi bajabule ukuthi umfana oqhamuka ezinhlakeni ze-Midlands usezodlala ezingeni elingcono.
“I-Orlando Pirates isemaqenjini amakhulu eNingizimu Afrika. Sithobekile kakhulu nathi ukuthi babone umfana oqhamuka kwaDambuza. Kuyasinika ugqozi lokuqhubeka nokuthuthukisa amakhono ezingane,” kusho uMyeni.
Uqhube wathi njengenkulisa bahlelekile futhi uyabonakala umsebenzi owenziwa abaqeqeshi.
“Sifike kowamanqamu e-Engen Cup U/18 iminyaka emibili ilandelana. Ngo-2022 sayinqoba kwathi nyakenye sahlulwa kowamanqamu. Iqembu lethu elineminyaka engaphansi kuka-21 lidlale emqhudelwaneni wePirates Cup nalapho sihlulwe kowandulela owamanqamu. Sibuye saya emidlalweni yokuhlunga yezifunda yeHollywoodbets Regional League, sanqoba ne-ZLM Cup kuwo lo nyaka. Lokho kukodwa kuyabonisa ukuthi kukhona okuhle esikwenzayo esifundazweni,” kusho Myeni.
Uthe bakhona nabanye abadlali abafunwa ngamaqembu esigaba seMotsepe Foundation Championship neseDStv Premiership.