ISIHLAVA sokwehlisa iminyaka kubadlali baseNingizimu Afrika sibulala ikusasa lebhola kuleli.
Lona wumbono kaThuso Phala owayengumdlali weKaizer Chiefs owaphenduka indaba egudwini emuva kokuphumela obala ngokuthi kukhona abadlali kwiPremier Soccer League (PSL) abadlala ngeminyaka okungeyona eyabo.
ENingizimu Afrika nase-Afrika jikelele, inkinga yokwehlisa iminyaka ijwayelekile kubadlali abasebancane. Amanye amazwe agcina esexoshwa nasemiqhudelwaneni yamazwe ngenxa yokutholakala ukuthi adlalisa abadlali abadala kunabeminyaka evunyelwe.
Nakuba eNingizimu Afrika ikhulunyelwa phansi kodwa yaba sematheni kakhulu ngo-2012, ngesikhathi i-Orlando Pirates inquma ukuvala izinhlaka zokuthuthukisa abadlali emuva kokuthola ukuthi kukhona abasebenzisa iminyaka okungeyona eyabo.
“Inkinga yokwehliswa kweminyaka idlangile yonke indawo e-Afrika yonke. Kodwa akuyona into okufanele siyibuke njengesithiyo ngoba uma abadlali sebekwi-PSL iminyaka isuke ingasasho lutho. Okwenzekayo wukuthi yenza kuthathe kude ukuthuthuka kwabo. Uthola ukuthi umdlali oneminyaka engu-25 udlala kwabaneminyaka engaphansi kuka-18 ngenxa yemiqhudelwano yabasakhula. Uma sesiqede lokho, sizobona abadlali abasebancane ngempela beqhamuka. Bayikusasa lebhola lezwe lethu,” kusho uPhala.
Inkinga yabadlali abehlisa iminyaka, yaphoqa inhlangano eyengamele ibhola eMzansi, iSouth African Football Association (Safa) iqhamuke nezindlela ezahlukene okukhona kuzona uhlelo lwe-MYSAFA. Lolu hlelo lusetshenziselwa ukubhalisa abadlali kusukela besebancane ukuze bekwazi ukulandeleka futhi bengakwazi ukuyishintsha iminyaka ngokuhamba kwesikhathi.
UPhala uthe sekuyabonakala ukuthi kukhona okwenziwayo ukulwa nokwehliswa kweminyaka ngoba sekuqhamuka abadlali abasebancane kwi-PSL okubonakalayo futhi ukuthi basebenzisa iminyaka yabo okukhona kubona uRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates.
“Emuva kokukhuluma indaba yeminyaka, abantu bazitshela ukuthi nami ngayehlisa. Akunjalo. Kukhona abantu ababebadala kunami kodwa ngesikhathi ngifika kwi-PSL, ngathola ukuthi sebengaphansi kwami. Ngazibuza ukuthi kwenzekani? Ngikhulume lokhu emuva kokuphanyeka amakhokho emgibeni ngoba akekho ozoza kimina ezongifaka imibuzo. Angidalulanga igama lomuntu. Kodwa yinto okufanele ibhekwe ngoba ibulala ikusasa lebhola lethu,” kusho uPhala.