‘I bring ibele on the table, unaloni? Mmm uma ungenalo drizzle drizzle 50/50!’
Yiwo lawa magama ashiye abaningi bezibuza ukuthi ingubani ngempela intokazi elingisa indawo kaNomathemba emdlalweni Uzalo, nebe ngundaba mlonyeni ngawo njengoba abezungeza ezinkundleni zokuxhumana futhi eshiwo abaningi abathe sebebuyele ekubukeni lo mdlalo ngenxa yokuthanda indlela elingisa ngayo.
UZandile Ngwane (33) waKwaMashu, uthi ubeselahle ithemba ngokuthi ngelinye ilanga uyozibona elingisa emidlalweni emikhulu ngenxa yokungalitholi ithuba.
Uveze ukuthi ubesekhethe ngisho ukungena emkhakheni wokuba umpheki, njengoba ebesebenza kwelinye lamahhotela amakhulu eMhlanga, eThekwini.
Ekhuluma neSolezwe, uZandile uthe kumjabulisile futhi kwamsondeza nakakhulu kuNkulunkulu ukuzibona ezulazula ezinkundleni zokuxhumana, abantu bekhuluma ngendlela yakhe yokulingisa.
“Lokhu okwenzeka kimi kuveza ukuthi uNkulunkulu uyayiphendula imikhuleko noma sekudlule iminyaka emingaki uthandaza. Mina bese ngizitshela ukuthi ekulingiseni anginalo ithuba ngaze ngakhetha ukushiya ngayogxila kwelinye ikhono lami. Indlela engimfunde ngayo uNomathemba ngibonile ukuthi yintombazane yaselokishini esebudlelwaneni bothando kodwa lolu thando lugcwele ukuhlukumezeka emoyeni.
“Ngibe sengikhumbula indlela esasibuka ngayo o-anti baselokishini ababejola sikhula ngababuyisa kule ndawo. Abantu bayithande kakhulu indlela engenza ngayo, nokuyinto eyenze le ndawo yaqhutshwa kulo mdlalo njengoba abantu besazongibona kuZalo isikhathi eside,” kusho uZandile.
Uthe yize yena enomoya ophansi futhi ethanda ukuthula phakathi kwabantu abathandayo kodwa kuncane ukufana anakho noNomathemba.
Uveze ukuthi umdlalo wakhe wokuqala omkhulu lona ukulingisa kuwo, yize ake avela emdlalweni i-Durban Gen kancane.
“Ngiyabonga kakhulu kuzakwethu uThabo Mnguni okunguye owangitshela ngale nhlolokhono futhi ngaqeqeshwa nasesikhungweni sakhe Amanguni Production. Angikufundelanga ukulingisa kodwa yinto esikhule ngayo elokishini njengoba bekunezikhungo ezihlukene umuntu abesebenza nazo. Nasesikoleni eMzuvele High sasikhona isikhathi la sasenza khona imidlalo yasesiteji. Ngingasho ukuthi ngaphekeka kuzona zonke izindawo engazihamba kuze kube manje,” kuchaza yena.
Isifiso sakhe uthe ufuna ukuzibona elingisa kumafilimu akhonjiswa kwi-Netflix nakwi-Showmax neminye imidlalo.