ASEWU-42 amacala athweswe owesilisa osolwa ngokudlwengula ekhombe abesifazane ngesibhamu noma ummese bese ebaphanga nomazisi babo.
Umsolwa uMnuz Khethani Khoni (31), oshadelwe nonabantwana abathathu, uvele eNkantolo yeMantshi eMlaza, izolo, ecela ibheyili.
Umphenyi wecala, uSergeant Mndeni Mzila, uthe babophe uKhuboni ngo-Agasti 27, endlini yakhe esehostela eGlebelands, eMlaza.
Ephikisa ukuthi anikwe ibheyili, uthe umsolwa akaqali ukuboshwa.
“Uthweswe amacala angu-20 okudlwengulwa, amanye awu-20 okuphanga esebenzisa udlame namabili okushaya,” kusho umphenyi.
Umsolwa kuthiwa uhlanganiswa ulibofuzo, amaselula awebela abagilwa nokuxhumana kwakhe nabagilwa ngezingcingo.
UMzila uthe indawo okwakwenzeka khona isigameko iyodwa, isenkundleni yezemidlalo eGlebelands.
Kuthiwa umsolwa wayesebenzisa uzinkundla nokuxhumana u-Facebook no-WhatsApp enze ubuhlobo nabagilwa.
“Wayecela ujuhlangana nabo, abaqashele u-Uber uma esethole ukuthi bangobani futhi bahlalaphi. Babefika kwaJeena, esebalindile uKhuboni,” kuchaza UMzila.
Kuthiwa wayetshela abagilwa ukuthi uthunywe umuntu abekade exoxa naye kumakhalekhukhwini ukuba azomlanda ngoba yena umatasa.
Kusolakala ukuthi uKhuboni wayehamba nomgilwa, uma esethi dundu kule nkundla aqale izimanga.
“Wayedonsa ummese noma isibhamu akhombe umgilwa bese eyadlwengula, uma eseqedile aphange umakhalekhukhwini womgilwa. Abagilwa ngokungayazi indawo babeya egaraji eliseduzane bacele usizo. Abanye abagilwa uKhuboni wayefika nabo ngo-Uber, enze esifanayo, “ kuchaza uMzila
Umphenyi uthe akanalo ulwazi noma bayazana yini abagilwa kodwa imiphumela yolibufuzo eyisikhombisa isiqinisekisile ukuthi nguKhuboni owadlwengula. Kusalindwe eminye imiphumela.
Kuvele nokuthi ngoJulayi 2022, waboshwa uKhuboni wabekwa icala lokushaya nokuphuca owesifazane i-weave (izinwele zokufakelwa).
Kwathathwa ulibofuzo lwakhe lwathunyelwa ePitoli, wakhululwa ngebheyili.
NgoJanuwari nyakenye, wasolakala ekudlwenguleni nasekwebeni i-laptop, kwaphinde kwathathwa ulibofuzo lwakhe.
Kuthiwa wayezishintsha amagama ezinkundleni zokuxhumana, uma ebona ukuthi sekuyambhedela.
Kuthiwa kwathathwa amasampula akubagilwa athunyelwa e-laboratory ayohlolwa, kwavela ukuthi uKhuboni umsolwa, amaphoyisa amthungatha amthola ehostela.
Ngakolunye uhlangothi, uKhuboni uvumile ukuthi ushadelwe, unabantwana abathathu futhi nguye kuphela owondla umndeni njengoba inkosikazi ingasebenzi.
UKhuboni othe uno-matric, udalule ukuthi umndeni wakhe wondliwa uninakhulu ogulayo ngoba yena uboshiwe.
Uthe uhlele ukuwaphika wonke amacala aziswe ngawo eboshwa. Uthe ngeke abe yingozi kofakazi nasemphakthini uma ededelwa futhi angakwazi ukukhokha ka-R20 000 ukuze adedelwe.
Uthe uzobuveza ubumsulwa bakhe uma sekuqulwa icala futhi ungusomabhizinisi onenkampani eyakha ifenisha yepulangwe.
Ubekade ebukeka ezikhululekele, elokhu ejeqeza emaceleni nangemuva kwayo, ibuke sakusabisa abebethamele icala abebegqoke izimpahla ze-EFF.
Icala liqhubeka ngoMsombuluko.