UMNIKAZI wendawo yokudlela i-AuthentiQ, esemgwaqweni uFlorida, eThekwini, uMnuz Ndumiso Mncwabe, usegxeke abezindaba nabantu ngakubize ngokwakha isithombe esibi ngezindawo zokudlela eziholwa ngosomabhizinisi abamnyama.
Lokhu kuza emva kwesehlakalo sangoMsombuluko ekuseni sokushona kukaNksz Zamangwane Bija (26), obesebenzela kule ndawo yokudlela, odutshulwe yisoka lakhe ebeliyiphoyisa, uMnuz Nhlakanipho Mkhize, naye ogcine eshona kulesi sigameko emva kokudutshulwa ngamaphoyisa abeqaphe isimo.
UMncwabe uthe kuyamkhathaza ukuthi nakuba kuhlale kwenzeka izigameko ezifuze lezi kwezinye izindawo zokudlela eThekwini namaphethelo, kodwa akuvamile ukuthi kubikwe ngazo kwabezindaba.
“Ngikhuluma ngento engiyaziyo njengoba kusanda kugwazwa umngani wami kwenye indawo yokudlela eseDavenport, futhi kuhlale kwenzeka nakwezinye izindawo eziseMhlanga ukuthi kubulawe abantu, kodwa angikaze ngibone kukhulunywa ngakho kwabezindaba. Lokhu kwenza ngibone sengathi le nto iyindlela yokwakha isithombe esibi ngamabhizinisi aphethwe ngabantu abamnyama,” kukhononda uMncwabe.
Ebuzwa ukuthi kuzokwenzekani ngendawo yakhe yokudlela, uthe okwamanje basavalile, kodwa kuzophela leli sonto sebevulile uma sebeqede yonke imicikilisho phakathi kwabo nomndeni kaNksz Bija, angeke akwazi ukuyidalulela abezindaba.
“Isimo esinjengalesi esenzekile akuyona into ehlale yenzeka, futhi lokhu kuyinto esingenayo indlela ebesingayivimba ngayo ngoba yenzeka ngaphandle, kwaba wukuthi usisi ushonela phakathi endaweni yethu yokusebenzela.
“Ngiyafisa ukuthi kungagcini ngezindaba ezibuhlungu kuphela, kwenziwe okufanayo ngokuthi kukhulunywe ngemisebenzi emihle esiyenza ngamabhizinisi ethu ehlukene” usho kanje.