Mamelodi Sundowns (1)4
Mbabane Swallows (0)0
Amaqembu aseNingizimu Afrika aqede ishobolo leminyaka engena egijima esigabeni samaqoqo seCaf Champions League.
NgoMgqibelo kusihlwa, kuqinisekisiwe ukuthi uMzansi uzomelwa ngamaqembu amabili kulesi sigaba okuyinto eyagcina ukwenzeka ngo-2019. IMamelodi Sundowns ilobole iMbabane Swallows yaseSwatini ngo 8-0 uma kuhlanganiswa imiphumela yemilenze yomibili emdlalweni wesigaba sesibili sokuhlungela esamaqoqo eChampions League. Emdlalweni womlenze wesibili eLucas Moripe Stadium, iwine ngo 4-0 wamagoli kaKobamelo Kodisang, Malibongwe Khoza, Thembinkosi Lorch noSiphelele Mkhulise. Kowomlenze wokuqala, amaBrazilians anqoba ngendlela efanayo. ISundowns ingene esigabeni samaqoqo kanye ne-Orlando Pirates eyehlule iJwaneng Galaxy yaseBotswana ngo 3-0 uma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze yomibili. EZimnyama zanqoba ngo 2-0 ekuhambeni kowomlenze wokuqala. Kowesibili e-Orlando Stadium, zinqobe ngo 1-0 wegoli likaMonnapule Saleng. IPirates neSundowns bazojoyina amaqembu awu-14 okukhona kuwona i-Al Ahly yase-Egypyt neCR Belouizdad yase-Algeria
ISundowns ingene enkundleni ishaya ngesikimu esishintshe kakhulu kunesidlale kowomlenze wokuqala. Kuqale abadlali okukhona kubona uKhoza, Rushine De Reuck nomakadebona uDenis Onyango ezintini. Kucace zibekwa ukuthi kuzophinda kube wumdlalo olula kwiSundowns kwazise isheshe yawathola amathuba okushaya amagoli kodwa amabhola amaningi abephelela ezandleni zikanozinti weSwallows, uSiphosethu Mabilisa. Nokho kugcine kuyilungele ngomzuzu ka-42 ngesikhathi uKodisang eqobela phakathi ibhola eligotshwe nguDevine Lunga kwesokunxele.
Esiwombeni sesibili, iSundowns iqhubekile nokuhlasela. Ngomzuzu ka-60, uKhoza ungqofele phakathi ifree kick kaLorch. Emuva kwemizuzu emithathu, uLorch uqobele phakathi ibhola eligotshwe nguKodisang kwesokudla. Ngomzuzu ka-67, unozinti weSwallows wenze iphutha emuva ezama ukuphasela uzakwabo emuva, wamjezisa uMkhulise.
Nakuba iNingizimu Afrika ijabulela ukuba namaqembu amabili esigabeni samaqoqo seChampions League kodwa kuhambisana nezinyembezi kwazise sekuqinisekisiwe ukuthi kungenzeka imelwe ngelilodwa kwiCaf Confederation Cup. Lokhu kungenxa yokuthi iSekhukhune United ikhishwe yiLunda Sul yase-Angola. Umdlalo uphele zibambene ngo 2-2 kodwa iSul yadlulela esigabeni samaqoqo ngenxa yegoli lasekuhambeni. Kowomlenze wokuqala ekuhambeni iSekhukhune yahlulwa ngo 1-0. Kowesibili ekhaya iwine ngo 2-1. Amathemba asehlezi kwiStellenbosch ezongena enkundleni ngeSonto eKinchasa ihamba phambili ngo 2-0 kwi-AS Vita yaseDemocratic Republic of Congo. IStellies kufanele igweme ukungenelwa ngamagoli angaphezu kwamabili ukuze izodlulela esigabeni samaqoqo.