UDADEWABO wowesifazane osanda kuvuma icala lokubulala umyeni wakhe uncengele ngudadewabo ukuthi inkantolo ingamnikezi isigwebo esinzima.
UNksz Londi Nkosi ongudadewabo kaNongcebo Faith Ntombela - ovume icala lokubulala umyeni wakhe owayeyiphoyisa uCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela - uncenge inkantolo ukuthi ingamgwebi kanzima udadewabo ngoba unezingane.
Umufi wahlaselwa esemzini wakhe okwaS, eMlaza, ngoMeyi 3, ngonyaka owedlule, wadutshulwa wabulawa.
Wadutshulwa ngabantu abangaziwa wabe esephuthunyiswa esibhedlela eSiphingo Medical Towers okuyilapho okwafike kwamenela khona.
UFaith ubekade evele eNkantolo eNkulu yaseThekwini, njengoba leli cala libuyiselwe kuyona le nkantolo njengoba selibuya naseNkantolo eNkulu yaseScottburgh.
UNksz Nkosi uthe unxusa inkantolo ukuba ingamnikezi udilikajele uFaith, kumele athole isigwebo esizodala ukuthi aphinde aphume ngelinye ilanga akwazi nokuthi ayoqhubeka nokunakekela izingane zakhe.
"Okunye lo muntu esikhuluma ngaye lapha uyena obesondla sonke,'' usho kanjena.
Umfowabo kamufi, uMnuz Nkosinathi Ntombela, naye unikezwe ithuba elifanayo.
Uqale ngokucacisa ukuthi umuzi kamufi sewukhokhelwe waqedwa, wathi lokho kusho ukuthi izingane zikamufi ngeke zize zisale dengwane.
Uthembise nokuthi bona njengomndeni bazimisele ngokuthi izingane zikamufi bazinakekele, wathi asikho isidingo sokuthi kusetshenziswe isizathu sokunakekelwa kwesingane ukuze angagwetshwa uFaith.
Ummeli wakhe, uMnuz Ashwin Rughbeer, uphakamise ukuthi uFaith anikezwe isigwebo seminyaka engu-20 ebese ehlala engu-10 ngaphakathi eminye engu-10 aboshelwe ngaphandle.
Njengenjwayelo amalungu omphakathi abephume ngobuningi bawo ukuzothamela icala. Icala lihlehliselwe uNovemba 14.