BESABA ukuthi bangase balahlekelwe amasimu abo omoba abalimi baseMpangeni abangakwazi ukukhokha imali yokukhonzela amasimi.
Laba balimi bomoba abathi bayizakhamuzi zesizwe saKwaMadlebe eMpangeni, abahlala eMevamhlophe, eNdabayakhe naseNqutshini bathi sebenqunyelwe ugwayi katiki wokuthi uma behluleka ukukhokha le mali ngoNovemba bazophucwa amasimu omoba enomkhiqizo.
Omunye wezakhamuzi oneminyaka engaphezu kuka-60, ongathandanga ukudalulwa, uthe insimu abayilimayo engamahektha amabili yayilinywa uyise owayengakaze ayikhonzele kodwa ngoJuni batshelwe ukuthi abakhokhe imali eyevile kuR20 000.
Ngokuthola kweSolezwe le mali iphakathi kukaR20 000 no-R100 000
"Induna yasibizela emhlanganweni yathi komkhulu kuthiwe sekunesikhathi eside silima singawakhonzeli amasimu sibe senza ibhizinisi ngawo. Kulo nyaka kumele sikhokhe. Sanqunyelwa ugwayi katiki kwathiwa kumele sikhokhe ungakashayi uNovemba. Uma sehlulekile iyadliwa insimu," kusho isakhamuzi.
Esinye isakhamuzi ebesikhala ngento efanayo emsakazweni Ukhozi FM , sithe abakwazi ukukhala ngalokhu ngoba basaba ukwenzakaliswa.
"Kunamadoda asegade ukuthi singawuhlahli umoba ukuze kudliwe amasimu enomkhiqizo. Konke okwenziwayo kwenziwa ngesihluku. Siyasatshiswa. Akugcini lapho uma kuke kwafika ekutheni wena ufuna udaba lwakho luye enkosini uyabulawa nokubulawa. Asenzi imali eningi ngomoba uyakalwa. Ngokubona kwethu inkosi ifuna ukuwadla amasimu ngoba iyazi ukuthi baningi abazohluleka ukukhokha ingakho ifuna ukuthi sikhokhe singakahlahli kunokuthi ithi asikhokhe uma sesikhokhelwe, " kusho isakhamuzi.
UNdunankulu wakulesi sizwe uMnuz Mbhoyi Zungu, uthe amasimu omoba ayibhizinisi bonke abanalama simu bayawakhonzela.
"Umhlaba uyakhonzelwa ezindaweni zamakhosi. Akuyona into entsha. Kusekhona inkosi endala ewuyise wale ekhona kwakuvele kunjalo. Akuliwa kuba isivumelwano esenziwa naye umuntu avume. Kuyakalwa kuqinisekiswe ubungako bomhlaba. Kuyaxoxiswana ngoba phela ngabantu besizwe laba akuliwa. Uma ekhala luyenziwa uhlelo. Asikho isikhalo esifike kimi njengondunankulu ngemali yokukhonzela amasimu. Inkosi ayihlangene nokuklanywa kwamasimu nemali yokukhonzela amasimu. Into eyenziwa izinduna. Leyo mali iya kwi-Trust isetshenziselwa ukuthuthukisa isizwe," kusho undunankulu.
Uthe awekho amasimu agadwe ngamadoda aphuma komkhulu.
"Abagadene ilabo abaqashe umhlaba kwabanye, asihlangene nalezo zivumelwano thina. Siyacela abalimi ukuthi uma benezikhalo beze kimi sizame ukuyilungisa inkinga. Umhlaba owabantu besizwe bonke sinejoka lokuthi siwabe ngokufanele," kusho uZungu.
UMnuz Senzelwe Mzila woMnyango wokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal, uthe lolu daba belungakafiki kubo basazofuna imininingwane ephelele ngaphambi kokuthi baphawule ngalo.