UBHUNTSHE ngomzuzu wokugcina umbhikisho obuzokwenziwa ngokuthula ngamabutho kaZulu ngoLwesihlanu, ngaphandle kwamaHhovisi eNgonyama Trust, eMgungundlovu.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi ukuhoxiswa kwemashi ebizoholwa nguMntwana waKwaMinyamanzi, uVanana, kubangelwe wumyalelo yeNhloko yesikhwama, u-Advocate Vela Mngwengwe. Kuthiwa utshele abasebenzi abangaphansi kwakhe ukuba bangalubhadi emsebenzini ngenxa yokusabela ukuphepha kwabo.
UMngwengwe uthumelele abasebenzi bakhe imiyalelo ngoba ekhala ngokuthi abaziswanga ngendlela ngalo mbhikisho. Kuthiwa amahhovisi azoze avulwe ngoMsombuluko, okuphoqe amabutho ukuba ahoshe imfe ngoba abezofika kukhala ibhungane.
Okubangele ukuba amabutho amashele kula mahhovisi ukunengwa wukuphikiswa kwesinqumo sesiSilo sokuhoxisa amalungu ebhodi ngoba uNgqongqoshe woMnyango wokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya, uMnuz Mzwanele Nyhontsho, ashaya phansi ngonyawo. Amabutho awaneme ngokuphikiswa koMlomo Ongathethimanga.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela kungatholakalanga ukuthi omunye umbhikisho uzobuye ube nini noma sewuhoxiswe unomphela.