AKAPHUMELI obala umqeqeshi weRoyal AM uJohn Maduka, ngokuzibekisela indawo kweCAF Champions League ngokusonga isizini iqembu lakhe lisendaweni yesibili kwilog yeDStv Premiership, okuyisango lokungena kulo mqhudelwano ohlonishwayo e-Afrika.
Ukuphuma kwe-AM kwiNedbank Cup, akubamangazanga abantu abaningi futhi bakholwa ukuthi izogxila ngokuphelele ekulweleni ukuthi ibambelela endaweni yesibili kwilog yeDStv Premiership, ukuze idlale kulo mqhudelwano ngesizini ezayo.
Lokhu kufakazelwe nayinkulumo yomqeqeshi weqembu, uJohn Maduka enkulumweni yakhe abenayo nabezindaba ngoMgqibelo odlule, emuva kokushaywa kwezakhe yiMamelodi Sundowns, kowandulela owamanqamu eNedbank Cup.
Njengamanje iRoyal AM esiyithemba laKwaZulu-Natal ekuzibekiseleni indawo kwiCaf Champions League ngesizini ezayo, ihlezi endaweni yesibili kwilog yeDStv Premiership.
Ibambene ngobhongwane neCape Town City ngamaphuzu angu-45, kodwa yiyona ephezudlwana kuneCity esendaweni yesithathu ngenhla yomehluko wamagoli. Womabili amaqembu asalelwe yimidlalo emithathu emqoka, nezocacisa ukuthi ngeqembu elizojoyina iMamelodi Sundowns kwiChampions League ngesizini ezayo.
UMaduka enkulumeni yakhe neSolezwe lansuku zonke maphakathi nesonto, uzwakale engena ezintangeni ngesikhathi eveza ukuthi akethuswa yizigi zeCape Town City, ezithethelela ngokuthi akuyona inhloso yabo ukuzibekisela indawo kwiChampions League kodwa ukungena kwiTop 8.
Kodwa iqiniso wukuthi naye lo mqeqeshi ukuqonda kahle ukubaluleka kokuthi ezakhe zizibekisele indawo kulo mqhudelwano weCaf ngesizini ezayo.
Lokhu kufakazelwe yimpendulo yakhe ebuzwa yiSolezwe ngeSonto ngoLwesihlanu, wakubeka ngokucacile ukuthi kuyisifiso sanoma yiliphi iqembu ukudlala emiqhudelwaneni yeCaf.
“Iqiniso wukuthi kuyisifiso sanoma yiliphi iqembu elidlala kwiDStv Premiership ukuzibona lidlala emqhudelwaneni weCaf, kungakhathalekile ukuthi yiChampions League noma yiConfederation Cup.
Ngakho-ke nathi asikufihli ukulangazelela kwethu ukuyodlala kwiCaf, kodwa sisamile ekutheni asikho ngaphansi kwengcindezi yokuyodlala kwiCaf ngesizini ezayo ngoba inhloso yethu ukulwela ukuqeda kwiTop 8, okunye sekuyozenzakalela,” kushaya ngamafuphi uMaduka, engafuni ukuphumela obala.
IRoyal AM isalelwe yi-Orlando Pirates (ekhaya), yiLamontville Golden Arrows (ekuhambeni), bese ivala ngeMamelodi Sundowns esibayeni sayo eChatsworth Stadium, eThekwini, ngoMeyi 21, nokuwusuku iSundowns ezothweswa ngalo ngokusemthethweni iminyezane yokuba ngompetha beDStv Premiership.
Umdlalo weRoyal AM nePirates obekumele ube namuhla eChatsworth Stadium, uhlehliselwe uLwesithathu ngenxa yokuthi namuhla ngo-6 ntambama iPirates izogadulisana ekuhambeni ne-Al Ahli Tripoli yaseLibya, koweCaf Confederation Cup eLibya.