UMQEQESHI we-TS Galaxy, uSead Ramovic, ukholwa wukuthi kukhona isandla semfene ngesimo abazithola bebhekene naso kwiBetway Premiership njengoba beqhubekile nokuba wukudla kwenduku.
IGalaxy ihlulwe okwesine emidlalweni emihlanu kweyeligi, iguqiswa yi-Orlando Pirates ngo 2-0 eMbombela Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Umdlalo wePirates bekungowokuqala idlalela ekhaya kweyeligi. Lokhu yikhona okwenza uRamovic asole ukucindezeleka ngendlela okuhlelwa ngayo imidlalo.
“Yebo sisesimeni esinzima okudalwa indlela esiqale ngayo le sizini kodwa okungixaka kakhulu ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi thina sodwa siboshelwe emidlalweni eyisikhombisa ekuhambeni kweyokuqala isizini eyisishiyagalombili,” kusho uRamovic kwabezindaba.
“Sengiwabone cishe wonke amaligi omhlaba kodwa angikaze ngiyibone into efana nale. Kulungile kodwa ngoba akusekho esingakwenza ngaphandle kokubhekana nalokhu esibekelwe khona.
“Angilingabazi ikhono nokuzimisela okuseqenjini lami ngakho-ke konke lokhu esibhekene nakho, nakho konke okuqhamuka emaceleni sizokunqoba. Sizophuma kulesi simo esikusona,” kuthembisa uRamovic.
IGalaxy eqede kwiTop 8 ngesizini edlule, iyibambe emsileni kwi-log ngephuzu elilodwa.
Kusukela kuqale isizini ka-2023/2024 iGalaxy isadlalele ekhaya oweMTN8 neStellenbosch FC, Chippa United kwiCarling Knockout nowePirates ngoLwesibili.
EzikaRamovic ebezivutha ngesizini edlule, zaqala zakhala ngaphansi kwiRichards Bay kwalandela induku yeSuperSport United, eyeChippa United zadlala ngokulingana neGallants. Ngenxa yalokhu yizona ezibambe ibhuleki kwi-log.
Njengoba uRamovic ekhala ngemidlalo yasekuhambeni, imidlalo emithathu elandelayo yamaRockets yeligi azobe eyizivakashi.
Ngempelasonto azokwamukela iMagesi FC kwi-quarter-final yeCarling Knockout ngoLwesithathu eMbombela Stadium.
Ompetha beNedbank Cup bango-2019 bazobuyela kwiligi ngowasekuhambeni neStellenbosch, ozolandelwa iSekhukhune United nawo ekuhambeni bese kuvala owePolokwane City eLimpopo.
AmaRockets ayoze abuyele ekhaya kweyeligi ngomdlalo waMaZulu FC ngoDisemba 7.
Yize uRamovic ekhala ngokuboshelwa kwemidlalo kodwa kungenzeka ukuthi ukudayisa inqwaba yabadlali abawusizo kumasizini edlule sekuqala ukuba nomthelela. Ngesizini edlule bahambise obengunozinti wokuqina uMelusi Buthelezi, umdlali wasemuva uGiven Msimango, u-Aphelele Teto noLehlohonolo Mojela ofike waba usizo kwiStellenbosch.