NAKUBA umqeqeshi weqembu lesizwe labesilisa lekhilikithi, uRob Walter, evumile ukuthi i-India ibingcono kakhulu kunabo ngesikhathi behlangana emdlalweni wamaqoqo eNdebeni yoMhlaba, unethemba lokuthi ezakhe zingadlala kangcono uma kwenzeka la maqembu ephinde ehlangana esigabeni somkhumulajezi.
I-India, okuyiyona esingethe lo mqhudelwano, izigwazele ibhece kumaProteas iwaqumba phansi ngama-run angu-243 e-Eden Gardens e-Kolkata, ngeSonto.
Iqembu lasekhaya liwine ithosi lakhetha ukushaya kuqala. Kucace zibekwa ukuthi amaProteas azobhekana nobunzima ngesikhathi abadlali ababhethayo be-India bezitamuzela ama-run. Ekupheleni kwama-over abo angu-50 besebeshaye ama-run angu-326, belahlekelwe amawikhethi amahlanu.
AmaProteas awazange asondele kuma-run angu-327 obekudingeka awashaye ukuze anqobe njengoba ekhishwe wonke kwi-over ka-28 esashaye ama-run angu-83 kuphela. UWalter uthe bahlulwe yiqembu elingcono futhi azikho izaba abangazibeka.
“I-India iyiqembu eliphezulu. Banamandla kuzo zonke izindawo futhi banabadlali abaningi abanekhono. Kuyacaca ukuthi kungani benqobe yonke imidlalo base beshaya nathi,” kusho uWalter.
“Ngeke kulunge ukuthi ngisole inkundla. Uma iqembu elilodwa lithola ama-run angu-320 bese elinye lithola ama-run angu-80, lokho akuzwakali kahle. Sibavumele ukuthi bashaye ama-run amaningi kakhulu. Ngicabanga ukuthi uma sesixoxa sizovumelana ukuthi sibabhansele ngama-run angu-70 kuya kwangu-80.”
Womabili la maqembu angene kulo mdlalo azi ukuthi asengenile kweyandulela owamanqamu. Iqembu lasekhaya selinesiqiniseko sokuthi lizoqeda esicongweni kwi-log kanti kusazocaca emidlalweni ezayo ukuthi iqembu lakuleli lizophelela kuphi nokuthi yiliphi iqembu elizobhekana nalo kowandulela owamanqamu.
UWalter unethemba lokuthi lesi sibhaxu esinzima abasithole kwi-India ngeke siqede ukuzethemba kweqembu njengoba lidlale kahle kweminye imidlalo.
“I-India ibingaphezulu kakhulu kunathi, akungabazeki lokho, njengoba nathi besingaphezulu kwamanye amaqembu kweminye imidlalo. Bekubonakala sengathi sizokwazi ukuncintisana nayo. Lona umdlalo onezimanga futhi sifunda okusha nsuku zonke. Ngeke kungimangaze uma amatafula ephenduka ngokulandelayo. Okuhle wukuthi lingase libe khona elinye ithuba lokuthi sihlangane nabo,” usho kanje.
“Abadlali baphoxekile ngokuthi asikwazanga ukukhombisa izinga lethu emdlalweni omkhulu kangaka. Ezinsukwini ezizayo sizoqhubeka nokwenza lokhu ebesikwenza. Sizosebenzisa isikhathi ukuze silungiselele umdlalo olandelayo nowandulela owamanqamu. Akukho okuzoshintsha. Abafana basebenze kanzima ngendlela emangalisayo kuze kube manje. Sekufanele siqine ngokomqondo, senze isiqiniseko sokuthi sibuyisa umgqigqo wethu.”
Ama-Proteas azodlala umdlalo wokugcina wamaqoqo ne-Afghanistan eNarendra Modi Stadium, eGujarat, ngoLwesihlanu ngo-10.30 ekuseni, ngaphambi kokuqala amalungiselelo omdlalo owandulela owamanqamu.