UBHEKE ukuthi iqembu lakhe lenze kangcono phambi kwamapali uma selibhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership kusihlwa umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt.
Womabili amaqembu azobe ebheke ukuvuka azithathe emdlalweni ozoqala ngo-7.30pm e-Orlando Stadium, kulandela ukukhishwa kwiCarling Knockout ngempelasonto.
Amatsatsantsa a Pitori axetshulwe yiKaizer Chiefs ngesibhaxu sika 4-0, kwathi Ezimnyama zawashiswa ijezi yiMagesi FC ngo 3-2.
UHunt uthe bebengeke babulawe kangaka ngenduku ukuba abawagejanga amathuba abo koweChiefs, nokuyinto okuzomele bayilungise njengoba bezodudulana nePirates.
“Ngicabanga ukuthi sakhe inqwaba yamathuba kodwa asizange siwasebenzise, kufanele sishaye amagoli. Umphumela uyilokhu oyikho kodwa ngokwami besinawo amaphutha obekumele siwabeke enethini,” kusho uHunt.
“Bekufanele sihambe phambili ngo 3-0 bengakashayi negoli labo lokuqala. Sishaye ipali sathola namanye amathuba amabili amahle. Ngeke ngibasole abadlali ngokungazimiseli, ngokubona kwami sidlale kahle. Sikwazile ukubacindezela emuva kodwa sahlulwa ukushaya igoli, okuyinto okusobala ukuthi kumele siyilungise.”
ISuperSport iyivule kabi isizini kwiligi lapho inqobe khona umdlalo owodwa, yadlala ngokulingana kowodwa, yahlulwa kwemibili. Isendaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu amane. Emdlalweni wayo wokugcina weligi yashaywa yiCape Town City ngo 1-0.
EzikaMagebhula zisahamba kahle kwiligi lapho zinqobe yomithathu imidlalo eziyidlalile, zazibeka endaweni yesibili ngamaphuzu ayisishiyagalolunye. Kowakamuva weligi zaguqisa iRichards Bay FC ngo 1-0.
UHunt ukholwa wukuthi umdlalo wanamuhla nePirates uzobasiza basheshe badlulise owangempelasonto. Okumkhathazayo wukuthi basashoda ngabadlali abamqoka abanjengoBradley Grobler, noGrant Margerman abalimele kanti bazophinde badlale ngaphandle kukaGape Marola, okhishwe ngekhadi elibomvu bebhekene neChiefs.
“Umdlalo olandelayo yiwona obaluleke kakhulu. Sizodlala futhi ngoLwesibili (namuhla) ngakho-ke kuzomele sivuke sizithathe. Kusobala ukuthi sisashoda ngabadlali kodwa kufanele siphinde sibhukule.”
Ngesizini edlule Amatsatsantsa ayiqumba phansi ngo 3-1 iPirates ePolokwane, kwathi owase-Orlando waphela zibambene ngo 1-1.
La maqembu aseke abhekana kule sizini kuma-quarterfinal eMTN8. Ayebambene ngo 1-1 ekupheleni kwemizuzu engu-90 kodwa iPirates yagcina inqobe ngo 3-1 esikhathini esengeziwe.