UMQEQESHI weChippa United, uMorgan Mammila, uthi akangabazi nakancane ukuthi ezakhe zizongena zigijima ohlwini lwamaqembu ayisishiyagalombili azoqeda ephezulu kwi-log yeDStv Premiership, ngokuphela kwale sizini.
IChippa ebhala icisha muva nje, okumanje isendaweni yeshumi kwi-log yePremiershi. Yagcina ngesizini ka-2015/2016 ukuqeda isizini ikwiTop 8. Lapho yaqeda isendaweni yesithupha kwi-log.
Ngesizini edlule kwale kancane iyodlala amaPlay-Off namaqembu eMotsepe Foundation Championship, iqeda endaweni ka-14 kwi-log.
UMammila, othathe izintambo zokuqeqesha leli qembu ngoSepthemba emuva kokukhonjwa indlela kukaDaine Klate, emidlalweni emihlanu yokuqala ethathe izintambo, umangaze abaningi enqoba emine, wahlulwa kowodwa.
Kubukeka itshe seliqala ukugaya ngomunye umhlathi njengoba muva nje emidlalweni emihlanu egcine ukudlalwa yileli qembu, alikanqobi nowodwa, selishaywe kabili, ladlala ngokulingana kwemithathu.
Kulandela ukubambana neRoyal AM ngo 1-1 ngeledlule, iChippa izobhekana neMaritzburg United, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, kusasa ngo-3.30 ntambama.
“Inhloso yami wukuthatha leli qembu ngilifake kwiTop 8, lifanele ukudlala kwiTop 8. Yebo, yiyo inhloso yami enkulu leyo.
“Indlela esidlala ngayo yiyona engenza ngingangabazi ngalokhu engikushoyo. Sidinga nje ukunqoba umdlalo owodwa, noma emibili, bese sikhuphuka kwi-log, sidinga nje ukulungisa le yokuqedela umsebenzi wamapali bese sinqoba imidlalo.
“Sidlala ibhola elihle. Yilo leli elithandwa ngabalandeli. Sifuna ukuthi abantu balangazelele ukuzosibuka uma sidlala,” kubeka uMammila
Ebuzwa ngesidingo sokusayinisa abadlali kuleli windi likaJanuwari, lokuhwebelana ngabadlali, ukubeke kwacaca ukuthi akasiboni isidingo njengamanje.
“Sikuphi isidingo sokusayinisa umdlali njengamanje eqenjini elidlala kanje? Njengamanje angisiboni isidingo sokusayinisa. Kuleli qembu sinekhwalithi, ngakho angisiboni ngempela isidingo salokho.
Ngikhuluma nje, kumanje cishe sinabadlali abathathu abalimele abangadlali kodwa akubonakali nokuthi abekho ngenxa yezinga labadlali esinabo kuleli qembu.
Ukuba bekuya ngami, bengizobagcina bonke laba badlali nangesizini ezayo, ngoba kubafanele ukuqhubeka nomsebenzi omuhle kuleli qembu.”
UMammila uselekelelwa wuKurt Lentjies, osanda kukhuza ibuya kuleli qembu, njengephini lesibili ngokubambisana noSiyabulela Gwambi oyiphini lokuqala.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla:
Mamelodi Sundowns v Sekhukhune United (Loftus Versfeld, 3.30pm); Swallows FC v Supersport United (Dobsonville Stadium, 5.30pm); Marumo Gallants v Orlando Pirates (Royal Bafokeng Stadium, 8pm)
Kusasa:
Richards Bay FC v AmaZulu (King Zwelithini Stadium, 3.30pm); Chippa United v Maritzburg United (Nelson Mandela Bay Stadium, 3.30pm); Kaizer Chiefs v Royal AM (Peter Mokaba Stadium, 5.30pm); TS Galaxy v Golden Arrows (Mbombela Stadium, 5.30pm)