UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, umanqika ngokuphumela obala ngokuchoma uphaphe lwegwalagwala, uMonapule Saleng, olokhu eqhubekile nokudlondlobala ngesivinini nohlohle amagoli amathathu leli qembu linenebula iSwallows FC ngo 4-1.
Lo mdlalo bekungowe-DStv Premiership womkhaya bokuqala baseSoweto, eDobsonville Stadium, eSoweto ngoLwesihlanu ebusuku.
USaleng osefomini ebabazekayo nosekwenze kwaba yinsakavukela ukuwola imiklomelo yokuba ngumdlali wosuku, uphinde waba yiqhawe lePirates evalela phakathi amagoli amathathu, waphinde waba nesandla kwelinye elishaywe nguTerrence Dzvukamanja.
Uma sekuhlanganiswa nemiqhudelwano yomkhumulajezi uSaleng usehlohle amagoli angu-12, waba ngumvusi wenyamazane kwamahlanu, kule sizini yakhe yokuqala kweZimnyama, azijoyine ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiSwallows.
Kanti sekuqale nemvunge kubalandeli bebhola yokuthi lo mdlali angaba sethubeni lokuba sohlwini lwabadlali abangase baqokwe kowePSL Footballer of the Season.
“Ngokwami, ngibona lo mdlalo siwunqobe ngenxa yokusebenza ngokubambisana kwethu njengeqembu.
“Isibonelo nje, uma kungathiwa ngiwina isicoco, leso sicoco ngeke kwaba ngesami kodwa kungaba ngeseqembu ngoba sisebenza ngokubambisana,” kusho uRiveiro ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo.
“Uma kukhulunywa ngemiklomelo yabadlali ngiyazi ukuthi iyaheha, iconsisa amathe futhi isikhathi esiningi itholwa ngabadlali abasizayo nabahlaselayo nokwenza kube nzima ukuthi itholwe ngabadlali basemuva.
“Ngakho-ke uma omunye wabadlali bami (uSaleng) ethola lowo mklomelo kungangithokozisa lokho njengomqeqeshi ngoba lokho kobe kusho ukuthi iqembu liyazuza ngokwenza kahle kwakhe.”
URiveiro uphinda okwashiwo nguzakwabo, uSergio Almenara, ongomunye wabasizi bakhe naye ongathandanga ukuncoma uSaleng kuphela ngenkathi eshaya into ecokeme koweNedbank Cup Last 32 iBucs inqoba i-All Stars ngo 2-0 ngoFebhuwari 11, e-Orlando Stadium.
Lo mphumela ubeka iBucs ethubeni elihle lokuqhubeka nokufaka ukushisa kwiSupersport United esendaweni yesibili kwi-log yePremiership, embhidlangweni wokuzibekisela indawo kwiCaf Champions League ngokuphela kwesizini.
Lokhu kwenza ubhekwe ngabomvu umdlalo weZimnyama naMatsatsantsa weligi ozoba ngoMashi 18.