UKUXEBUKA kweBidvest Wits endaweni ebushelelezi nebingaholela ekutheni kuphele isizini isidlalela ukuvika izembe, kungenxa yokwehlisa umoya komqeqeshi wayo uGavin Hunt, okuyisenzo esenze abadlali badlala ngokukhulukela ngaphandle kwengcindezi ngokwedlulele.
Lokhu kushiwo nguGabadinho Mhango ogijima maphakathi nenkundla nongomunye wabadlali uHunt azothembela kubo ukuthi baqhubeke nokucokamisa izinga emdlalweni weligi kanjalo nasemkhankasweni nasemidlalweni yeCAF Champions League. Umlenze wokuqala usekuhambeni lapho iyodlala khona nePrimeiro de Agosto yase-Angola phakathi komhlaka 6 no7 kuMashi.
Engxoxweni abenayo neSolezwe ngeSonto ngesimo seqembu uthe akukho okutheni obesekwenziwa ngumqeqeshi uHunt ngaphandle kokuthi abakhumbuze ngomsebenzi wabo.
“Kuyathokozisa ekutheni namhlanje sesiphumile endaweni ebucayi yokudlalela ukuvika izembe. Bekungesona isimo esihle kodwa ngenxa yobuchule bukamqeqeshi namhlane sesiyakwazi ukuphefumula.
“Ubengasho lutho, olutheni, ngaphandle kokuthi asidlale ngaphandle kokucabanga ngengcindezi ebesingaphansi kwayo.
“Bekuthi njalo uma sesizongena enkundleni kunokuba asinikeze amaqhinga esinganqoba ngawo umdlalo ubesitshela ukuthi ngeke asho lutho ngaphandle kokuthi siyawazi umsebenzi wethu okumele siwenze,” kusho uMhango.
Enanela uHunt othole ukunconywa enqobisa iBidvest Wits isicoco se-Absa Premiership okokuqala ngqa selokhu yasungulwa uthe nakuba iqembu lakhe belidliwa kodwa ubegculisekile indlela ebelidlala ngayo.
“Thina besilokhu sidlala kahle yonke isizini kodwa ngenxa yokuthi besilokhu silinyalelwa abadlali yingakho besingayitholi imiphumela emihle.”
Ugcizelele wathi bekuke kube nemidlalo lapho ebekudingeka enze izinguquko eziyishiyagalombili eqenjini lakhe nokuyikhona obekubanyomfa izinhlelo zakhe.
Uphinde wazwakalisa ukungayinambithisi kahle imidlalo yeChampions League ngenxa yokuthi idinga badlale imidlalo eminingi njengoba ngoLwesithathu bebedlala neqembu laseMauritius, iPamplemousses SC.
Bekuzodlalelwa e-Anjalay Stadium, eBelle Vue Maurel, kuqalwe ngo 4 ntambama,
ngemuva kwalo mdlalo kudingeke ukuthi babambe indiza ebuyela eNingizimu Afrika ukuzokwenza amalungiselelo omdlalo wabo akade bedlala kuwo neCapeTown City, e-Athlone Stadium izolo ebusuku.