UBONGA ukuhlonishwa ekhaya esakwazi ukuzilandela mathupha izindondo zakhe umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis.
U-Ellis ukwabazohlonishelwa ukusebenzisa unobhutshuzwayo ukwenza umehluko eNingizimu Afrika emcimbini ozoba seMontecasino, eGoli, ngoNovemba 20.
Ezinye izingwazi zebhola ezizohlonishwa ngendlela efanayo ngalolu suku ngowayengukaputeni weBafana Bafana uNeil Toyey, owayengumqeqeshi weqembu lesizwe u-Ephraim Mashaba, uLucas Radebe owayengukaputeni weKaizer Chiefs neLeeds United, izingwazi zeKaizer Chiefs uPatrick “Ace” Ntsoelengoe noNelson “Teenage” Dladla kanjalo nowayeyisilomo se-Orlando Pirates uJomo Sono.
U-Ellis uthe uzizwa ethobekile ngokuhlonishwa kwakhe wabonga iSafa, abadlali bakhe, abaqeqeshi abambisene nabo ababe nesandla endleleni ayihambe ebholeni kule minyaka edlule.
Ngaphandle kokuhola iqembu lesizwe esengumdlali, u-Ellis uyena owayelipheka ngesikhathi linqoba isicoco se-Women’s Africa Cup of Nations ngo-2022.
“Umsebenzi esiwenzayo ngowokusiza iqembu ukuthi likhule futhi limele izwe ngendlela efanele. Asikwenzeli ukuthola izindondo kodwa kuyajabulisa ukuhlonishwa nokubongwa ngeqhaza olibambile,” kusho u-Ellis.
“Ayikho into engake ngayenza ngedwa ngakho-ke le ndondo eyabo bonke abake bangeseka. Ngingabala umndeni wami nabangani, ozakwethu engangidlala nabo nabangiqeqesha. Ngeke ngikhohlwe abadlali engike ngabaqeqesha nabaqeqeshi engisebenza nabo.
“Ngifisa ukubonga iSafa nabaxhasi iSasol engihambe nabo lonke uhambo ngize ngifinyelele lapho ngikhona namuhla.”
U-Ellis osethole inqwaba yemiklomelo, okuhlanganisa nendondo ye-Caf Women’s Coach of the Year amahlandla amathathu, uthe ukubalwa nabantu abaklame indima ekuqhakambiseni ibhola lakuleli nezwe lonkana kusho lukhulu.
“Kubalulekile kakhulu. Ngokujwayelekile abantu babongwa bengasekho. Ngithanda ukubonga i-Hall of Fame ngokungibona ngifanelwe yilokhu. Uma ngibheka uhlu lwabanye abantu abazohlonishwa ngizizwa ngithobekile ngoba bonke benze izinto ezinkulu kuleli.
"Okunye okwenza lokhu kube okukhethekile ukuthi udadewethu ohlala e-Australia uzobe ekuleli ngalelo langa, ngakho-ke ngizokwazi ukuhambela umcimbi naye. Ngikubheke ngabomvu lokho ngoba ngokujwayelekile uma kwenzeka izinto ezifana nalezi ngigcina ngokumkhombisa izithombe.
“Lokhu kuyangigqugquzela ukuthi ngiqhubeke nokwenza konke okusemandleni futhi ngibe yisibonelo nakwabanye abasaqala kulo mkhakha. Kukhombisa ukuthi ukuzinikela nakho konke engidlule kukhona kwenza umehluko,” kusho Ellis.