AKUBANGA yimpelasonto enhle kumgadli weKaizer Chiefs, uDumisani Zuma, ngenxa yezizathu ezimbili.
Ngaphandle nje kokuthi Amakhosi athelwe othulini yizimbangi zawo ezinkulu i-Orlando Pirates ngo 2-1, emdlalweni we-Absa Premiership obuseFNB Stadium kodwa uZuma uphinde wazithola esenkingeni entshontshelwa inombolo yakhe yocingo yizinswelaboya ngenhloso yokuqola imali ngegama lakhe.
Ngokuthola kweSolezwe, uZuma udlale umdlalo wabakhaya neBucs esonakele umoya kulandela ukuthi inombolo yakhe eyibone ithumelela abantu imiyalezo.
Kuthiwa uqale ukubona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngezithuba zabo-3.15 ntambama ngoMgqibelo, sekusele imizuzu ewu-15 kuqale umdlalo wabakhaya baseSoweto.
Ngokusho komthombo osondele noZuma, ezinkundleni zokuxhumana bese kunemibhalo, ebicela imali kubadlali abanye abadlala kwiPremiership, lapho khona uZuma ebekhala khona ngenkemane, esho nokusho ukuthi ufisa bamfakele imali izinto ziyambhedela.
“Kunomuntu thizeni ozenza uZuma. Ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi kwi-Instagram, ubhala imibhalo engesilona neze iqiniso, ekhala ngokuthi akasenamali ufisa ukubolekwa. Empeleni omunye wabadlali kwiPremiership, ugcine eyifakile imali ngoba nakhu ethi uzwelana naye,” kulandisa lo mthombo.
Isolezwe lihoshe ukuthi izolo, uZuma uvule icala emaphoyiseni aseGoli, waphinde wacela ukuthi uVodacom (njengoba ucingo lwakhe lusebenzisa wona), uyivale inombolo yakhe.
“Okubuhlungu kakhulu ukuthi uZuma uma ebhala ukuthi akahlangene nalokhu okushiwo ngaye, lo muntu uvele akusule okubhalwe nguZuma ngaleso sikhathi. Kumanje udunyelwa yikhanda njengoba umdlali ongumngani wakhe ababedlala naye kwiBloemfontein Celtic eminyakeni edlule (Isolezwe elinalo igama lakhe), efake izinkulungwane edlala le nswelaboya. Udaba impela oluyinkinga kakhulu lolu,” kuqhuba lo mthombo.
Abanye abadlali bebhola ababe senkingeni efanayo, bedlala izigebengu bephucwa izinombolo zabo u-Aubrey Modiba weSuperSport United, Siyabonga Nkosi odume kwiChiefs nomqeqeshi weFree State Stars uLuc Eymael ukusho abambalwa.
Okhulumela iChiefs uVina Maphosa uthe bazwile ngodaba lukaZuma. “Sizwile nokuthi yinto eyenzeke ngempelasonto. Lubucayi kakhulu lolu daba futhi luyasikhathaza njengeqembu ngoba kusho ukuthi kumele avikeleke kakhulu. Sizohlala phansi nomdlali sizwe udaba lwakhe. Engingakusho nje ukuthi abomthetho kufanele benze okufanele,” usho kanje uMaphosa.
IChiefs izobhekana neSuperSport emdlalweni weTelkom Knockout ngeSonto eMoses Mabhida Stadium. IPirates izobhekana naMaZulu eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibelo.
ISundowns izobhekana neBaroka FC eNew Peter Mokaba Stadium, kuthi iMaritzburg United ibhekane neBidvest Wits eHarry Gwala Stadium.