IMENENJA kaTsepo “Chester” Masilela, uMike Makaab wePro Sport International ithi lo mdlali wasemuva usekubeke kwacaca ukuthi akazimisele ukusuka eGauteng njengoba efunelwa iqembu, ngemuva kokuchithwa yiKaizer Chiefs emasontweni edlule.
Leli phephandaba like labika ukuthi lo mdlali uke wafudukela e-United States of America (USA) emasontweni edlule lapho ebeziqeqesha khona eyedwa.
UMakaab uthe uMasilela usebuyile e-USA futhi usekubeke kwacaca ukuthi akazimisele ngokusuka eGauteng ngenxa yomndeni wakhe.
“Impela kuliqiniso ukuthi uMasilela uthi akafuni ukwehlisa enyusa umndeni wakhe. Usecele ukuba simfunele iqembu eliseGauteng.
Njengamanje sixoxa nawo wonke amaqembu akhona kulesi sifundazwe, adlala kwi-Absa Premiership. Sinethemba lokuthi maduze nje sizolithola iqembu,” kusho uMaakab.
Amaqembu okungenzeka ukuthi uMakaab ubewasho yiHighlands Park, esanda kubuya kwi-Absa Premiership yahlwitha iMaritzburg United uBevan Fransman, iBidvest Wits edume ngokusayinisa abadlali abanesipiliyoni, Supersport United, Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates njengoba kuyiwona amaqembu aseGauteng adlala esigabeni esiphezulu.
Emasontweni ambalwa adlule, uMakaab utshele Isolezwe ukuthi abadlali bakhe akafuni nakancane ukuthi babe amathatha amukela kwasani emaqenjini ngoba nakhu befuna imali.
“Ngihlezi ngibatshela abadlali bami ukuthi ngingancamela ukuthi bahlale balinde bangadlali uma kungukuthi abakutholi okubafanele emaqenjini.
Angiyizwa nhlobo indaba yomdlali ovele asayine ngoba nakhu egajwe yindlala. Kuhle ukulinda kuze kuqhamuke into emfanele umdlali futhi ezomlonda kwazise umsebenzi webhola yinto ephela noma yinini,” kubeka uMakaab, okuvele ukuthi akasahoshelani kahle noMbulelo “Old John” Mabizela abeyimenenja yakhe.